Breaking News

I-DA NOMKHANKASO WOKUTHIKUHLAKAZWE UMKHANDLU WETHEKU

0 0

UMengameli we-Democratic Alliance uMnu John Steenhuisen
wethule ngokusemthethweni umkhankaso waleli qembu
wokuthi kuhlakazwe ubuholi obuphethe uMasipala
weTheku.Lomkhankaso wethulwe NgoMgqibelo womhlaka 19
ku-January,eCity Hall,eThekwini.
LoMasipala obuswa ngokubambisana iqembu le-African
National Congress (ANC) kanye ne-Economic Freedom
Fighters (EFF),i-DA ikhala ngokungaphathwa kabi
kwalomkhandlu ithe akusabekezeleleki.
“Sinxusa wonke amaqembu abeka phambili izidingo
zomphakathi,ukube aseke lesi siphakamiso sokutakula
uMasipala weTheku ngoba sekucace ngokusobala ukuthi laba
abasemandleni bayahluleka ukulawula lelidolobha” kusho
Steenhuisen.
Eqhuba uJohn uthe sekuyisikhathi sokuthi isikunyelwe inkinga
yamanzi kanye nokungalungiswa kwengqalasizinda efaka
imigwaqo.
Ohola amakhansela e-DA kuMasipala weTheku uKhansela
Thabani Mthethwa uthe akhona amanye amaqembu
ayingxenye yomkhandlu weTheku asebeke baxoxisana nawo
ngokuthi aseke isiphakamiso sokuhlakaza loMasipala.
“Akubalulekile ukuthi usuka ukuliphi iqembu kodwa mangabe
unonembeza ubona ukuthi abantu baseThekwini bathwele
kanzima,abalungiselwa ingqalasizinda,kuyilungelo lakho
ukweseka ukungabuthembi ubuholi balaba abasemandleni
kuloMkhandlu”.

Kulindeleke ukuthi ubengomhlaka-31 January ,NgoLwesithathu
umhlangano okuzophakanyiswa kuwona isicelo sokuthi
kuvotelwe ukuhlakazwa kaMasipala weTheku.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *