Breaking News

I-DA IHAMBELE OTHONGATHI UKUYOHLONZA UMONAKALO ODALWE IZIKHUKHULA

1 0

Iqembu lezombusazwe i-Democratic Alliance (DA) buholwa uKhansela Thabani Mthethwa ngaphansi kwesifunda iTheku,buvakashele indawo yaseHillview,OThongathi ,NgoLwesithathu womhlaka 17 ku-January,ukuyobheka umonakalo ngemuva kokuthi lendawo ibengezinye zezindawo ezikhahlanyezwe imvula enamandla ebihlasele isifundazwe iKwaZulu-Natal NgoMgqibelo womhlaka-13 January ebusuku.

“Sizothanda ukudlulisa amazwi enduduzo emphakathini waseHillview ikakhulukazi labo abalahlekelwe ngamalunga emndeni yabo.Abantu bakulomphakathi sebehlale lana iminyaka engaphezulu kuka-20 lokhu kukhombisa ukuthi lendawo isiphenduke amakhaya abo” kusho uNks Yogis Govender oyikhansela le-DA kuMasipala weTheku.

Eqhuba uGovender uveze ukuthi lendawo ayinakekelwa ngendlela njengoba nanamuhla ungakalungiswa umonakalo owadalwa izikhukhula ezazihlasele lendawo ngonyaka ka-2022.UYogis uthe indawo yasoThongathi ineminyaka emningi yakhiwa kodwa uMasipala weTheku awukaze uzenze izinhlelo zokushintsha amapayipi okugwema izikhukhula.

Oyisakhamuzi salomphakathi waseHillview uMnu Zamokwakhe Ngema uveze ukuthi usehlale kulendawo iminyaka engaphezulu kuka-20 esebenzela inkampani i-Tongaat Hullet Sugar. UNgema uthe abahlezi kulendawo ngokungekho emthethweni njengoba babekwa i-Tongaat Hullet Sugar.

”Ngesikhathi sihlaselwa izikhukhula zokuqala eminyakeni edlule kwafika ubuholi bukaMasipala iTheku buhambisana nabokuphathwa kwezinhlekelele ,bathembisa ukuthi bazothuthela endaweni ephephile engenayo inking yokuhlaselwa izikhukhula,kuze kube inamhlanje abaphindanga babuya kithi njengoba siphinde sahlaselwa ilezikhukhula zangempelasonto ezidlule nemiphefumulo yabantu ababilli,owesifazane kanye nowesilisa” kusho uNgema.

Okhulumela umndeni olahlekelwe indodana yawo ngenxa yezikhukhula,uMnu Thami Gumede ohlala eNewcastle,uthe bewumndeni babuhlungu ngokushiywa indodana yabo uSibonelo Gumede ngoba ubesemncane kuningi ababekade besakulindele kuye njengoba ubesezophuthulo ukuqeqeshelwa umsebenzi.

”Ngesikhathi ngithola umbiko wokudlula emhlabeni kukamshana wami angikholwanga.Ngiyafisa ukuthi kube ngokokugcina kulahleka imiphefumulo yabantu kulendawo,sekuyisikhathi sokuthi isuswe lemindeni eyakhe lapha ngoba lendawo ayiphephile ngoba ihlaselwa izikhukhula” kusho uGumede.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *