Bachaze IThekhu njengomkhandlu Dolobha Ohamba Phambili E Ningizimu Africa Ngezobuchwepheshe

Date:

Kwethulwe uhlelo lweGeospatial Information Management Strategy (GIMS) Roadshow esifundazweni I KwaZulu Natal e International convention centre yethulwe oyiphini  likaNgqongqoshe eHhovisi likaMengameli obhekele ukuhlela, ukuqapha nokuhlola, uSeiso Mohai, lihlangene nabaholi bakazwelonke, besifundazwe kanye nohulumeni basekhaya ukukhuluma ngobuchwepheshe besimanje bokusebenzisa ulwazi lwezindawo, i-data kanye neGPS ekuthuthukiseni ukusebenza kukahulumeni.

Ekhuluma ngesikhathi evula uhlelo, uMohai uthe iTheku lingelinye lamadolobha ahamba phambili ekusebenziseni ubuchwepheshe bolwazi ukuze kuthuthukiswe ukuhlelwa kwezindawo nokulethwa kwezidingo emphakathini.

“Asisakwazi ukuhola izwe sisebenzisa izindlela zakudala. I-data, ulwazi lwezindawo kanye nobuchwepheshe beGPS kuyindlela entsha yokwakha uhulumeni osebenza ngokushesha, ngokubekiwe futhi osondelene nabantu”.  Mohai.

U Mohai uthe kumele kulandelwe izindlela zobuchwepheshe besimanje  kubona kuyisiko likahulumeni ukuba baqinisekise ukuthi ubuchwepheshe buyasebenza.

Lolu hlelo luhlose ukuqinisa ukuthathwa kwezinqumo ezisekelwe kulwazi oluqoqiwe, ukuthuthukisa ukuhlelwa kwezindawo, kanye nokwenza ngcono ukulethwa kwezinsiza emphakathini ngokusebenzisa ubuchwepheshe besimanje.

U Nkosenhle Madlala ongusihlalo wezokubusa nokuthuthukiswa kwabantu kumasipala weThekhu uchaze ukuthuthuka kwetheku njengempumelelo. “kumaprojethi esisiphumelele kuwona ukuthi mawufuna umuzi othile awusayalelwa ngesihlahla kepha usesebenzisa ezobuchwepheshe okuyi GPS mawuhamba ko Nanda imigwaqo yakhona icace bha ayifuniselwa.” Kusho u Madlala.

Uphethe ngokuthi bane Systeam Hub ebasizayo njengohulumeni mabefuna ukwenza I develophimenti bayakwazi ukuthola ukuthi izinkinga zingakuphi. Lokho kubasiza kwizindawo ezingaphansi kweTheku ngoba khona ebezingekho ngaphansi kwezinhlelo zokuthuthuka kodwa sezithuthukile. Uphinde wabalula  ukuthi lezindawo zasemakhaya awusamlayeli umuntu indlela ngesihlahla kodwa usebenzisa I GPS.

Don’t miss what’s happening in your area. Subscribe for updates.

Share post:

spot_imgspot_img
spot_imgspot_img

Popular

More like this
Related

kunqanyulwe Izinkontileka Zamaloli Athutha Amanzi

U Meya yomkhandlu weTheku, uCyril Xaba, kanye noyisekela likangqongqoshe...

Iqembu Le DA Libhonge Emswanini Kwa Zungu

Amalunga eqembu iDemocratic Alliance (DA) eThekwini athi ukushona kukaCelani...

I Hollywood Foundation Iyaqhubeka Nokuthuthukisa Ukwezethemba Kubantwana

IHollywood Foundation inikele ngo-R250 000 enhlanganweni iSouth African Riding...

Izakhamuzi ZaseWard 105 Zifuna Izimpendulo Ngemuva Kweminyaka Emihlanu Bengenamanzi

Kubantu abayizinkulungwane abahlala kuWard 105, ukuphuma kwelanga nsuku zonke...