Babungaze Usukulwemvelo Ngemidlalo Yeshashalazi E Ntuzuma

Date:

Abafundi bezikole ezahlukene ezakhele I Ntuzuma zamabanga aphansi nezamabanga aphezulu ezihlanganisa Ntuzuma Primary School, Mzuwabant Primary School, Bonisanani Primary School, Dumehlezi Primary School, Halalisa Primary School, Senzesihle Primary, Sifunimfundo Primary school kanye ne Zimpembeleni High School   bagubhe uSuku lwezihlahla lapho befunde ngokubaluleka kokutshala nokunakekela izihlahla kanye nokuvikela imvelo.

Lo mcimbi uhlelwe yi Ntuzuma Primary Co-Operative eyasungulwa u Paulose Gwala ubuhlose ukufundisa izingane ukuthi izihlahla zibalulekile ekugcineni umoya uhlanzekile, ekwehliseni ukungcoliswa komoya nasekuvikeleni imvelo.

Abafundi baxoxe ngezindlela abantu abanganciphisa ngazo ukungcoliswa komoya, kanti bagcizelela nokubaluleka kokutshala izihlahla ezindaweni ezahlukene. Bebenza imdlalo yeshashalazi wombukiso nje ngendlela elula yokudlulisa umlayezo.

Baphinde bafundiswa ukuthi imvelo idinga ukunakekelwa ukuze izizukulwane ezizayo zikwazi ukuthola indawo ehlanzekile nenempilo.

Lo mcimbi uphinde waba yithuba lokuthi abafundi baqonde  ukuvikela imvelo akuwona umsebenzi wabantu abadala kuphela, kodwa nezingane zinendima enkulu eziyidlalayo.

Abafundi bakhuthazwe ukuthi baqale ngokugcina indawo abahlala kuyo ihlanzekile, bangagawuli izihlahla ngokungadingekile futhi bafundise nabanye ngokubaluleka kokunakekela imvelo.

Abafundi besikole I Ntuzuma Primary bona basike elijikayo nelihlabe umxhwele ngokulingisa umbukiso wokonga amanzi emphakathini. 

U Gwala uchaze lomncimbi njengenxenye yokukhulisa intsha ikwazi ukuhlukanipha Phakathi kokucekela phansi imvelo nokuyivikela. ‘Lomncimbi ungijabulisa kakhulu ukubona amakhono ahlukahlukene aqwashisa ngokuvikela imvelo. Ingaphezulu kweshumi imnyaka silokhu siwenzile lomncimbi ngokubambisana nothisha nezinhlaka ezahlukene’’. Kusho u Gwala.

https://www.facebook.com/reel/1538554050905563/?mibextid=rS40aB7S9Ucbxw6v

Don’t miss what’s happening in your area. Subscribe for updates.

Share post:

spot_imgspot_img
spot_imgspot_img

Popular

More like this
Related

Lizibona Linqoba ITheku Iqembu Le Democratics Aliance.

Iqembu i-Democratic Alliance (DA) libambe umhlangano womphakathi eShallcross, njengengxenye...

Bafolosa Ngamakhansela Aneminyaka Esukela Kumashumi Amabili

 Inkatha Freedom Party (IFP) ithi izimisele ukwakha omasipala abasebenza...

Amaphoyisa Asesiteshini SakwaMashu Athungatha Abasolwa Kwelokubulala

Amaphoyisa asesiteshini saKwaMashu akhiphe isitatimende acela usizo emphakathini ekutholeni...

Bekushiyana Ukwenza Kwinqephu Ka 2026

Indawo I-Durban Exhibition Centre iguquke yaba yindawo yokubukisa ngamasiko,...