U Xaba Ukhala Ngoku Linyazwa Kwenqalasizinda.

Date:

IMeya yomkhandlu ITheku, uKhansela uCyril Xaba, uyaqhubeka nemizamo yokuthuthukisa ukuhlinzekwa kwamanzi nokubhekana nezinkinga zokuthuthwa kwendle ePhoenix.

U Xaba uvakashele le ndawo ukuyobheka inqubekela phambili yohlelo lokushintshwa kwamapayipi oludle u-R100 million. Iningi lamapayipi selifakiwe kanti lolu hlelo seluthuthukise kakhulu ukutholakala kwamanzi kumaWadi amathath u 48, 102 no-110.

Ngesikhathi evakashele le ndawo, uXaba uphinde wahlola ingqalasizinda yamanzi nendle, ikakhulukazi imizamo yokubhekana nokuchitheka kwendle nokuvuza kwamanzi.

Lo msebenzi waqala eKwaMashu ngenyanga edlule, lapho amaqembu ochwepheshe oMnyango waManzi neNhlanzeko kaMasipala ethunyelwa ngqo ezindaweni ezinezinkinga ukuze kusheshiswe ukulungiswa kwengqalasizinda eyonakele.

UMeya uXaba uzwakalise ukukhathazeka ngokonakaliswa nokusetshenziswa budedengu kwengqalasizinda yamanzi nendle, okubalwa kukho ukwakha ngokungemthetho ezindaweni okumele kugcinwe zingakhiwe kanye nokufaka izinto ezingafanele emapayipini nasezimbotsheni zendle.

“UMasipala awunayo ingqalasizinda esezingeni eliphansi. Inkinga enkulu ukuthi ingqalasizinda yethu iyaphazanyiswa futhi yonakaliswe ngabantu emiphakathini. Yize uMasipala uzoqhubeka nokwenza ingxenye yawo, okubalwa nokushintsha amapayipi amadala, sicela abahlali basebenzisane nathi ngokuyeka ukonakalisa ingqalasizinda nokuxhuma amanzi ngokungemthetho,” kusho uXaba.

UXaba unxuse abaholi bomphakathi, okuhlanganisa namaqembu ezepolitiki, ukuthi basebenzisane noMasipala emkhankasweni wokufundisa umphakathi ngokubaluleka kokuvikela ingqalasizinda yamanzi nendle kanye nobungozi bokuyisebenzisa ngendlela engafanele.

Don’t miss what’s happening in your area. Subscribe for updates.

Share post:

spot_imgspot_img
spot_imgspot_img

Popular

More like this
Related

New schools cricket series launched

South African school cricket is set for a boost...

Bahlabeke Umxhwele Abaningi Kwinkulumo Ye Silo.

ISilo samabandla uMisuzulu kaZwelithini sesinxuse amaZulu ukuthi abuyele kakhulu...

New Packa-Ching recycling unit launched in KwaMashu

Residents and waste reclaimers in KwaMashu and surrounding areas...

KwaMashu Bahlabene Ngethuba Lokuveza Ikhono Lebhola Lomqakiswano.

Abadlali abasebancane bomdlalo webhola lezandla KwaMashu bathole ugqozi olusha...