Ashaye imashi enokuthula amalunga enhlangano ebusayo i-African National Congress (ANC) kwisifunda iGizenga Mpanza Region,lapho abezwakalisa izikhalo zabo zokushawa ngesithende emafemini akwaSithebe eMandeni enyakatho neTheku.
Lombhikisho ububanjelwe khona kwaSithebe NgoLwesithathu womhlaka-21 February, ubuholwa nguNobhala walesifunda uMnu Siphesihle Zulu,ohambise uhlwa lwezikhalazo kuSihlalo we-ANC KwaZulu-Natal uMnu Siboniso Duma.
Efunda uhlu lwezikhalazo uSiphesihle Zulu kuvele ukuthi abanikazi bamafemu akhele lomphakathi , aqasha abantu bokufika kuleli.UZulu uthe kuzinkampani eziqola umphakathi zifike zisebenze ngaphansi kwalendawo bese ziyathutha ziya kwenye indawo zishintshe amagama ekubeni zishiye emuva zingabaholele abasebenzi.
“Silethe izikhalo zethu kusihlalo wesifundazwe sifuna angenelele kuleenkinga esibhekene nayo intsha,omama namalunga omphakathi alapha eMandeni abasenzi ekubeni kunenqwaba yamafemu kulendawo.Lamafemu aqashe abantu bofika iningi labo elingenazo izincwadi ezibagunyaza ukuba kuleli.Leyocosana yakuleli eqashiwe iphathwe kabi ngendlela eyisimanga” kusho uZulu.
USihlalo we-ANC kwaZulu-Natal uMnu Siboniso Duma uthe loludaba bazolusukumela ngokushesha,waveza ukuthi bazosingatha imbizo ngenyanga ezayo(March) kuyona lendawo yaseMandeni.
“Sizobiza zonke izinhlaka ezithintekayo ukube zizoziphendulela ukuthi kungani kunesimo esikanjena,siphinde sense uphenyo lokuthi labasebenzi abavela emazweni angaphandle banazo yini izincwadi ezisemthethweni zokusebenza kuleli” kusho uDuma.