OWANQOBA OWAMA GOSPEL ICON DISCOVERY WETHULE I ALBUM ENTSHA

Date:

Kuzwakale inhlokomo eDurban Playhouse ngesikhathi umnqobi weGospel Icon Discovery (GID) 2023, uNelisizwe Sikhosana ecula izingoma ezikwi-albhamu yakhe yokuqala ye-EP.

USikhosana wethule icwecwe lakhe lokuqala elinesihloko esithi “Kuvela Kuwe” mhlaka-5 Disemba. I-EP inamathrekhi akhayo ngokomoya futhi izotholakala ezinkundleni zokuxhumana kusukela mhla ziyi-11 kuZibandlela.

USikhosana odabuka KwaMashu, echaza nge-albhamu yakhe yokuqala, uthe imayelana nokubona ubuhle nokwethembeka kukaNkulunkulu. “Le albhamu igqugquzelwe ukwethembeka kukaNkulunkulu empilweni yami kanye nohambo lwakhe lwe-GID kanye nomthelela obenawo empilweni yami. Uhambo belungelula, kodwa uthi ubonile amathuba okuthile aphumelele futhi azilungisele ukukhuphuka,” kusho uSikhosana.

Ubonge uMasipala ngokumnikeza inkundla yokwabelana ngethalente lakhe, wathi iGID isivule iminyango eminingi yokusungula umsebenzi wakhe womculo. Ekuqaleni kwalo nyaka, uSikhosana wajoyina iqembu lomculo wokholo iJoyous Celebration.

USotswebhu weKomidi Lezinsiza Zomphakathi uKhansela Cheryl Sisoka uthe iDolobha liyaziqhenya ngokuthi uSikhosana ungomunye wezihlabani zomculo uMasipala weTheku ozikhulisile waphinde wabeseka ukuthi bangene endimeni yomculo wokholo.

UKhansela uSisoka ugqugquzele umphakathi ukuthi weseke abaculi bakuleli abasafufusa.

Don’t miss what’s happening in your area. Subscribe for updates.

Share post:

spot_imgspot_img

Popular

More like this
Related

Igubha Amashumi Amabili Nanye Yasungulwa I Dundee July

Sekumi ngomumo umcimbi weminyaka yonke weDundee July ozoba mhla...

University of Zululand student Designed National Science Months Logo

Deputy Minister of Science, Technology and Innovation, Dr Nomalungelo...

Uyaziqhenya Umasipala Ngokuphothula Uhlelo Lokuhlinzekwa Kwamanzi

U Masipala we Theku uqinisekisa ukuthi izakhamuzi namabhizinisi zithola...

U Note To Self Usenqobe Amahlandla Ayisithupha Elandelana Kumjaho we HollyWoodBets

I-Hollywoodbets Durban July iphinde yafakazela ukuthi isengomunye wemicimbi emikhulu...