Breaking News

OWE-IFP UVUSELELE UBUDLELWANO NABAHLALI BASEMAHOSTELA

3 0

Usihlalo we-Inkatha Freedom Party(IFP) esifundazweni iKwaZulu-Natal uMnu Thamsanqa Ntuli ubambe umhlangano nezinduna zasemahostela, ngenhloso yokwakha kabusha ubudlelwano phakathi kwabahlali basemahostela neqembu leNkatha.

Lomhlangano ububanjelwe eLangeni Hotel eThekwini, NgoMgqibelo womhlaka 10 February ntambama. 

Ekhuluma uSihlalo we-IFP KwaZulu-Natal uMnu Thamsanqa Ntuli uthe njengoba umsunguli waleliqembu Inkosi uMangosuthu Buthelezi wakubeka eqhulwini ukwakhiwa kwezakhiwo ezimqoka njengamahostela ngesikhathi ebusa uhulumeni wakulesifundazwe ingoba wayebeka phambili izimpilo zabantu. 

UNtuli uthe inhloso kaMntwana wakwaPhindangene yokwakha amahostela kwakungukuthi abantu abasuka emakhaya bebenayo indawo yokufihla ikhanda uma befika ezindaweni zasemalokishini.Wathi ingakho kwenziwa nesiqiniseko sokuthi behlale mahhala. 

“Kungishayisa ngamahloni ukuthi uhulumeni obusayo usuqhelelene nani bahlali basemahostela. Ingakho ngithathe isinqumo sokuthi ngibe nonhlangano nani ukukhombisa ukuthi siyiqembu leNkatha Yenkululeko Yesizwe namanje sisanikhathalele njengabahlali basehostela, kusiphatha kabi ukubona ningasanakiwe, lokhu kangikwenzi ngoba sengiqokwe kwesokukhankasela isikhundla sokuba uNdunankulu wakwaZulu Natal, bengivele nginakho ukuxhumana nezinduna zasemahostela futhi bengilokhu ngifisa ukubanomhlangano waloluhlobo” Kusho uNtuli. 

Eqhuba uThamsanqa uncome umsebenzi owenziwa izinduna zasemahostela wokuqinisa ezokuphepha kanye nokwenza isiniqiseko sesimo senhlalo esinokuthula ngaphakathi emahostela.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *