Umlingisi odumile ongowokudabuka eThekwini uZamani Mbatha uthi ayikho into emjabulisa njengokuhlala ekhaya aphumule ngesikhathi ezitika ngokudla akuthandayo kwaMcDonald’s, njengoba le nkampani yethule uhlelo lwayo olusha i-World Menu Heist eThekwini.
UMcDonald’s South Africa wethule lolu hlelo emcimbini obuseMcDonald’s uShaka Marine World, lapho abezindaba nabagqugquzeli bezokuxhumana bethole ithuba lokunambitha ukudla okukhuthazwe yizinhlobo zokudla ezitholakala kwamanye amazwe.
UZamani uthe yena uthanda kakhulu izikhathi lapho ekwazi ukuba sekhaya, aphumule futhi azitike ngokudla kwaMcDonald’s.
“Ayikho into engijabulisa njengokuba sekhaya, ngiphumule futhi ngidle i-Mac D meal yami. Lezi zikhathi zenza umuntu azizwe ekhululekile futhi ejabule,” kusho uMbatha.
Uhlelo lweWorld Menu Heist luhlose ukuletha eNingizimu Afrika ezinye zezinhlobo zokudla ezidume kakhulu kwaMcDonald’s emhlabeni wonke, kulandela ukukhula kwesifiso sabathengi sokwazi ukuthi yini etholakala ezindaweni ezahlukene zomhlaba.
UMcDonald’s uthi le mikhiqizo itholakala isikhashana ezitolo ezikhethiwe ezweni lonke, futhi izotholakala kuze kuphele isitoko. Okhulumela ezokukhangisa kwaMcDonald’s South Africa, uKeegan Alicks, uthe loluhlelo lunikeza abantu baseNingizimu Afrika ithuba lokuzwa ukunambitheka okukhuthazwe yizindawo ezahlukene zomhlaba ngaphandle kokushiya amakhaya abo.
Uthe ukudla sekuyingxenye enkulu yokuxhumanisa abantu namasiko omhlaba, yingakho le nkampani ifuna ukudala okuhlangenwe nakho okusha nokujabulisayo kubathengi.
Don’t miss what’s happening in your area. Subscribe for updates.


