Sekumi ngomumo umcimbi weminyaka yonke weDundee July ozoba mhla ziyi-18 kuNtulikazi ngaphansi kwesiqubulo esithi Allegiant African. Kulindeleke ukuthi lo mcimbi uhehe abagibeli bamahhashi abangaphezu kuka-300 abavela kuzo zonke izingxenye zaKwaZulu-Natal nakwezinye izifundazwe eNingizimu Afrika.
Usihlalo wemijaho yamahhashi KwaZulu-Natal, uMenzi Buthelezi, uthe lo mcimbi usukhule kakhulu eminyakeni edlule. “Silindele abagibeli bamahhashi abangaphezu kuka-300 abavela kuzo zonke izingxenye zaKwaZulu-Natal nakuzwelonke. Imali yemiklomelo esondele ku-R2.5 million izohlukaniselwa imijaho engu-12. Siyabonga noMnyango wezeMidlalo, ezobuCiko namaSiko ngokwenyusa imali yemiklomelo, okuzoqhubeka nokukhulisa lo mjaho,” kusho uButhelezi.
UNgqongqoshe woMnyango wezeMidlalo, ezobuCiko namaSiko KwaZulu-Natal, u Mntomuhle Khawula, unxuse umphakathi ukuba uzophuma ngobuningi. “Sinxusa umphakathi ukuthi uqhubeke nokweseka iDundee July. Umcimbi walo nyaka uzoba mkhulu futhi uzonandisa wonke umuntu. Kuzoqopheka nomlando njengoba kuqondene nosukulokuzalwa kowayengumongameli wakuleli u Dr Nelson Mandela. Siwuthuthukisile ngokuletha nezitolo ezifana noMR Price ukuze abantu bakwazi ukuthenga izingubo nemikhiqizo yemfashini abayithandayo. Sibonga bonke abaxhasi bethu, ikakhulukazi i-Amathole Funeral Services enikele nge samba sa R700 000 ekuphumeleliseni lo mcimbi,” kusho u Khawula.
Don’t miss what’s happening in your area. Subscribe for updates.

