Nkonke Kuhambe Kahle Kumcimbi Wokuklomelisa U-Grade R Esmart Kids

Date:

INJABULO ibibhalwe ebusweni bodado ngesikhathi besalindele imiklomelo yabo yokuqala ohambeni lwabo ngekusasa kwezemfundo. Lokhu kwenzeke e-Smart Kids Early Childhood Development Center, eyasungulwa ngonyaka ka-2013 endaweni yase Ntuzuma G, uNkk. Phumzile Zondo, onguthishanhloko wesikole, kanye nomsunguli wesikhungo. UNkk. Zondo uyaqhubeka nokudlala indima ebalulekile ekwakheni ikusasa labantwana emphakathini, Ngesikhungo esinamagumbi okufunda anamazinga aphezulu, izindawo zokudlala eziphephile kanye nokunakekelwa kwabantwana ngemuva kwesikole konke lokhu kugxile ekubekeni izidingo zomntwana phambili. Ubathweswe iziqu abafundi abangu 18 abaphumelele kulelibanga la grade-R.

Ubonge ukubambisana kwakhe nothisha bakhe kanye nabazali bezingane, ngokumnika ithuba empilweni yezingane zabo. UNkk. Zondo uchaze wathi:“Inhloso yokuthweswa iziqu za-Grade R wukubungaza ukuqedwa kwesigaba sokuqala semfundo yomntwana. Kusiza ekwakheni ukuzethemba nokuzigqaja ezinganeni, kuyilapho abazali nothisha behlanganyela ekuxhumaneni nempumelelo yomfundi kanye nokulungela kwakhe esigabeni esilandelayo.” Lomgcimbi obuhanjelwe abazali, waba nezimenywa ezivela ezinhlanganweni ezahlukene ze-NPO, kanye neziphathimandla zamakomidi endawo.

UZondo uphethe ngokunxusa abazazli ukuthi bangenelele emfudweni yezingane zabo. ngokuthi bafake izicelo kusenesikhathi ukuze bebone umehluko omkhulu wenhlonipho, ukuphepha nokufunda okujabulisayo eSmart Kids Early Childhood Development Centre Ukubhalisa sekuvuliwe ku-2026 bayatholakala ku Entuzuma G ungabathola nasezinkundleni zokuxhumana.

Don’t miss what’s happening in your area. Subscribe for updates.

Share post:

spot_imgspot_img

Popular

More like this
Related

Iqembu Lezepolitiki I-IFP Lidoba Liya Phindelela eqenjini Le MKP.

I qembu lezepolitiki i-Inkatha Freedom Party (IFP) seliqinisekise ukuzimisela...

Umnyango Wezokuthutha Ukulungele Ukuqapha Isimo Ngesikhathi Samaholidi Ephasika

UMnyango wezokuthutha uvakashele imboni yamatekisi amabanga amade eThekwini ngenhloso...

Zizo Dlana Umlala Kwizindondo Zomkhakha Wezemidlalo

UMnyango Wezemidlalo, Ubuciko Namasiko KwaZulu-Natal usumemezele ngokusemthethweni amagama abantu...

Refinery Revival Boosts Energy Security

The eThekwini Municipality led a high-level oversight visit to...