Breaking News

0 0

Azothathwa njengasebeshiyile eqenjini le-African National Congress (ANC) amalunga azobonakala eyingxenye yemikhankaso yamanye amaqembu ezombusazwe.Lokhu kuvezwe unobhala we-ANC esifundazweni iKwaZulu-Natal uMnu Bheki Mtolo esithangamini sabezindaba,NgoLwesithathu womhlaka-24 January,eGarden Court ,eThekwini.

Ekhuluma esithangamini sabezindaba uNobhala we-ANC kwaZulu-Natal uMnu Bheki Mtolo uthe bazokwenza isiqiniseko sokuthi amagatsha aleliqembu athatha ubufakazi bamalunga aleliqembu okungezeka azibandakanye namanye amaqembu noma ebonakale egqoke umfaniswano wamanye amaqembu.

”Sizothatha amagama alawomalunga siwayise ekomkhulu baKhongolose eLuthuli House, sibakhiphe ohlwini lamalunga kaKhongolose,ngoba bazobe sebephule umthetho kanye nenqubomgomo wokuhlonipha kanye nokuvikela umbutho ka-ANC” kusho uMtolo.

Eqhuba uBheki uveze ukuthi iqembu le-ANC ibenayo imizamo yokuxoxisana nalawo owayengumengameli wakuleli uMnu Jacob Zuma ngokuthi abuyekeze isinqumo sakhe sokuphumela obala ngokusekela iqembu elisha uMkhonto weSizwe (MK).

“Sithe umasibuya kwingqungquthela yesigungu esiphezulu njengoba unobhala jikelele uMbalula wayeshilo ukuthi uzohlangana noGxamalala,uzamile(uMbalula) wasithuma nathi ukuthi simthole uGxamalala kepha uGxamalala wasibalekela.” Kusho uMtolo.

 I-ANC yaphinde yathumela usihlalo weMusa Dladla Region,uBishop Vusi Dube kanye nalowo owanguNdunankulu waKwaZulu-Natal uMnu Willies Mchunu ukuba bahlale phansi bebonisane noZuma.UMtolo uthe imizamo ye-ANC ayiphumelelanga ingakho uZuma sebemuthathe njengomuntu osesulile kuKhongolose.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *