Uzimisele Ukuqala Ibhizinisi Ohlomule Ngolwazi Lwe AI

Date:

Intsha eyikhulu(100) kumasipala INkosi Langalibalele Municipality isihlomule ngokuqeqeshwa ngobuchwepheshe be-Artificial Intelligence (AI), ngaphansi kohlelo oluxhaswe nguMnyango WezokuXhumana NobuChwepheshe Bedijithali ngokubambisana noMkhandlu waseNkosi Langalibalele kanye noMkhambathini Business Chamber of Commerce and Industry.

Lolu hlelo luhlose ukuhlomisa intsha ngamakhono obuchwepheshe besimanje ukuze ikwazi ukuzidalela amathuba emisebenzi, ingene emnothweni wedijithali futhi isungule amabhizinisi ayo.

Ovela kumnyanga we Economic Town Planner kuMasipala waseNkosi Langalibalele, u Nkzs Ayanda Msweli, uthe umasipala ubona intsha njengezinsika zokukhula komnotho wendawo, yingakho ubambisene nabanye ukuqinisekisa ukuthi ithola amakhono ahambisana nezidingo zesikhathi samanje.

“Sifuna intsha yethu ingagcini ngokufuna umsebenzi kuphela, kodwa ikwazi nokuzidalela amathuba ngokusebenzisa ubuchwepheshe. Ukuqeqeshwa nge-AI kuyingxenye yokwakha ikusasa eliqhakazile lentsha yethu,” kusho uMsweli.

Oyisekela lika Ngqongqoshe WezokuXhumana NobuChwepheshe Bedijithali, uMnu Mondli Gungubele, uthe uhulumeni uzimisele ukuletha amathuba obuchwepheshe kuyo yonke imiphakathi ukuze kungabikho intsha esala emuva ngenxa yokushoda kolwazi namakhono edijithali.

“Ubuchwepheshe be-AI sebuyingxenye yempilo nomnotho womhlaba. Sifuna intsha yethu ibe phakathi kwalabo abazowusebenzisa ukwakha amabhizinisi, ukudala imisebenzi nokuletha izixazululo ezintsha emphakathini,” kusho uGungubele.

Usihlalo woMkhambathini Business Chamber of Commerce and Industry, uMnu Siphiwe Mngoma, uthe ukutshalwa kwezimali ekuthuthukisweni kwentsha kuzoba nomthelela omkhulu ekukhuliseni umnotho nasekunciphiseni izinga lokungasebenzi.

“Uma intsha inamakhono afanele, iyakwazi ukuzakhela ikusasa futhi idale namathuba kwabanye. Yilokho esikuhlose ngalolu hlelo. Loluhlelo lukwisigaba sesithathu lokuhlomulisa intsha lwaqala ngonyaka 20222 lube ke nezinsuku ezine kuqeqeshwa ukuthi bengasebenzisa kanjani ezobuchwepheshe nokuqala nje amabhizinisi abo,” kusho uMngoma.

Omunye wabahlomule kulolu hlelo, u Satisfy Khumalo, uthe ukuqeqeshwa kumkhuthaze ukuthi aqale ibhizinisi abeselokhu ephupha ngalo.

“Bengivele nginombono webhizinisi, kodwa lolu hlelo lunginike ulwazi nokuzethemba engikudingayo ukuze ngiluqale. Ngikholwa wukuthi ubuchwepheshe be-AI buzongisiza ngikhulise ibhizinisi lami futhi ngidale namathuba emisebenzi kwabanye,” kusho uKhumalo.

Don’t miss what’s happening in your area. Subscribe for updates.

Share post:

spot_imgspot_img
spot_imgspot_img

Popular

More like this
Related

kunqanyulwe Izinkontileka Zamaloli Athutha Amanzi

U Meya yomkhandlu weTheku, uCyril Xaba, kanye noyisekela likangqongqoshe...

Iqembu Le DA Libhonge Emswanini Kwa Zungu

Amalunga eqembu iDemocratic Alliance (DA) eThekwini athi ukushona kukaCelani...

I Hollywood Foundation Iyaqhubeka Nokuthuthukisa Ukwezethemba Kubantwana

IHollywood Foundation inikele ngo-R250 000 enhlanganweni iSouth African Riding...

Izakhamuzi ZaseWard 105 Zifuna Izimpendulo Ngemuva Kweminyaka Emihlanu Bengenamanzi

Kubantu abayizinkulungwane abahlala kuWard 105, ukuphuma kwelanga nsuku zonke...