Amaphoyisa Akulungele Ukubhekana Nemibhikisho Yangolwesine.

Date:

Undunankulu weKwaZulu-Natali, uThamsanqa Ntuli, uncome izakhamuzi zesifundazwe ngokugcina ukuthula ngesikhathi semibhikisho ebibanjwe mhla zingama-30 kuNhlangulana.

UNtuli ubekhuluma esithangamini nabezindaba ehambisana nebamba leKhomishana yaMaphoyisa KwaZulu-Natali,u Phumelele Makhoba nomqondisi-Jikelele omusha wesifundazwe, uNksz Nokuthula  Khanyile.

U Ntuli uthe imibhikisho ihambe ngendlela ekhombise ukuvuthwa kwentando yeningi.

“Imibhikisho ebibanjwe esifundazweni sonke ivivinye amandla ethu okuhola, kodwa siphumelele. Ngibonga abantu baKwaZulu-Natali ngokuvumela intando yeningi ukuba isebenze,” kusho uNtuli.

UNtuli uphinde wancoma amaphoyisa nezinye izinhlaka zezokuphepha ngokusebenza ngokuzimisela ukuvikela impilo nempahla.

“Sibonga abezomthetho ngokusebenza ngokuzikhandla ukuvimbela isiphithiphithi nodlame. Siphinde sibonge imiphakathi ngokukhombisa ukuzola ngesikhathi sokungaqiniseki,” kusho yena.

U phinde  wagxeke abantu abasebenzise imibhikisho ukwenza ubugebengu.

“sigxeka wonke umuntu osebenzise imibhikisho ukuphanga, ukubhidliza impahla nokudala udlame. Siyawancoma amaphoyisa ngokubopha abantu abangama-51 abasolwa ngokuphanga nokubhidliza impahla. Lokhu kuthumela umlayezo ocacile wokuthi izigebengu azinandawo KwaZulu-Natali,” kusho uNtuli.

Uthe le mibhikisho iphinde yaveza inkinga enkulu yokungasebenzi nokushoda kwamathuba omsebenzi.

“Ukuze sibhekane nale nselelo, maduze ngizobiza ingqungquthela ezobheka ukuthuthukiswa komnotho wendawo, ikakhulukazi emabhizinisini ezitolo zomphakathi. Inhloso wukuguqula ukukhungatheka kwabantu kube ngamathuba omsebenzi nokuziphilisa,” kusho yena.

UNtuli uthe ngaphansi kohlelo i-Engangeni Ngesango Iyafohla kuzokwandiswa ukuhlolwa ezindaweni zokusebenza. Bazokwandisa ukuhlolwa ezindaweni zokusebenza ngenhloso yokuvimbela ukuqashwa kwabokufika abangekho emthethweni emisebenzini engenziwa abantu bakuleli.

Ekuphetheni kwakhe uncome izinhlaka zezokuphepha, Amabutho kanye nezinkampani zonogada ngeqhaza lazo ekuqinisekiseni ukuphepha kwabantu baKwaZulu-Natali nezivakashi ngesikhathi semibhikisho.

U Makhoba uqinisekise eyokubakhona kwamaphoyisa kwimbhidlango ethenjiswe ngu mholi we March And March u Jacinta Ngobese oveze ukuthi njalo ngolwesine kuzomashwa.  “ sikulungele ukuqapha isimo I Mabahamther Lwesine sikuhlelele kunezinhlaka zombutho wezokuphepha ohlezi ukulungele ukubhekana nezigxongololo zomphakathi nezimpi. Sinazo izinsiza zokulekelela kwimphihlango yemphakathi.” Kusho u Makhoba.

Don’t miss what’s happening in your area. Subscribe for updates.

Share post:

spot_imgspot_img

Popular

More like this
Related

Abahlomule Ngendondo Yokuba Ngamaqhathanzipho Bahambele Emphakathini Ukuyohlola imisebenzi Eqhubekayo

UMasipala waseMthonjaneni, osanda kuhlomula ngendondo ye-Cleanest Town with Best...

Undunankulu Wesifundazwe Ubambe Umhlango Wezinsuku Ezimbi Wokwakha Amacebo Entuthuko KwaZulu Natal.

Undunankulu waKwaZulu-Natali, Thamsanqa Ntuli, uhole umhlangano wezinsuku ezimbili wokwethulwa...

Kubekwe Eceleni Imali EngangoR73 million Ukuhlomulisa Intsha Esifundazweni

Unqonqoshe  woMnyango wezokuThuthukiswa koMnotho, ezokuVakasha kanye nezeMvelo KwaZulu-Natal (EDTEA),...

Igubha Amashumi Amabili Nanye Yasungulwa I Dundee July

Sekumi ngomumo umcimbi weminyaka yonke weDundee July ozoba mhla...