Undunankulu Ntuli No Ungqongqoshe Hlomuka Bavakashele Isikhungo Esikhiqhiza Amaphepha Kamatikuletsheni

Date:

UNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMhlonishwa uThamsanqa Ntuli, kanye noNgqongqoshe wezeMfundo, uMhlonishwa uSipho Hlomuka, ngoLwesibili, mhla zi-7 kuMfumfu wezi-2025, bavakashele esikhungweni sokuphrinta amaphepha ezivivinyo ze-National Senior Certificate (NSC) eThekwini.

Lolu hambo luqinisekise ukuzibophezela okungaguquki kukaHulumeni wesiFundazwe ekuphakamiseni amazinga aphezulu okulungela, ukuphepha, kanye nobuqotho ekuphathweni kwezivivinyo ze-NSC zowezi-2025.

Lokhu kuxoxisana kuzolekelela ubuholi besifundazwe ukuth bakwazi ukuhlola izimiso zokuphepha zesikhungo, bahlole ukusebenza kahle, futhi baqinisekise ukulungela kokuhleleka kokuphrinta, ukupakishwa kanye nokusatshalaliswa okuphephile kwamaphepha ezivivinyo kuso sonke isifundazwe.

“Umyalezo wethu uthi izingane nezikole kufanele zilungiselele, njengoba sazi ukuthi ezinsukwini ezimbalwa kusukela manje ukuhlolwa kuzoqala futhi kubalulekile ukuthi basebenzise ithuba lokugcina ukuzilungiselela futhi basebenzise noma yiziphi izinsiza abanazo ngendlela ezobazuzisa ukuze benze kangcono ekuhlolweni”, kusho uNdunankulu.

Don’t miss what’s happening in your area. Subscribe for updates.

Share post:

spot_imgspot_img
spot_imgspot_img

Popular

More like this
Related

Lizibona Linqoba ITheku Iqembu Le Democratics Aliance.

Iqembu i-Democratic Alliance (DA) libambe umhlangano womphakathi eShallcross, njengengxenye...

Bafolosa Ngamakhansela Aneminyaka Esukela Kumashumi Amabili

 Inkatha Freedom Party (IFP) ithi izimisele ukwakha omasipala abasebenza...

Amaphoyisa Asesiteshini SakwaMashu Athungatha Abasolwa Kwelokubulala

Amaphoyisa asesiteshini saKwaMashu akhiphe isitatimende acela usizo emphakathini ekutholeni...

Bekushiyana Ukwenza Kwinqephu Ka 2026

Indawo I-Durban Exhibition Centre iguquke yaba yindawo yokubukisa ngamasiko,...