Breaking News

UMNYANGO WEZEMIDLALO UHLONIPHE NGOKUSEMTHETHWENI UVUYISILE

1 0

Ngemuva kokwenza ingqophamlando yokuba ngowesifazane wokuqala kwabamnyama ukuzungeza umhlaba ngesiklebhe, ehamba phakathi olwandle izinyanga eziyisishagalombili.Lokhu kuholele ekutheni uMnyango wezeMidlalo ubuCiko namaSiko KwaZulu-Natal oholwa nguNgqongqoshe uDkt Ntuthuko Mahlaba usukume wenze umcimbi wokubungaza, waphinde waklomelisa uVuyisile Jaca (25) ngokwenza kahle emdlalweni iWorld Ocean Globe Race.

Lomcimbi obuhlelwe uMnyango ubuse-Point Yacht Club eThekwini,NgoLwesibili womhlaka-7 May.UNgqongqoshe uDkt Ntuthuko Mahlaba ubeyingxenye yalombungazo uthembise ukuthi uzosiza uVuyisile ngokuthi aqhubeke nezimfundo zakhe zemfundo ephakeme.UMnyango uyazeseka izinhlelo zalabo abahamba ngeziklebhe ngokusebenza ngokubambisana nabakwa-Sail Africa.

uJaca uthole indondo evela kuMnyango wezeMidlalo ubuCiko namaSiko KwaZulu-Natal ngenxa yokubeka elakuleli laseNingizimu Afrika ebalazweni.Lona wesifazane wakwaMashu wenze okungajwayelekile ngokuhamba ngesiklebhe izinsuku ezingu-154 olwandle,loluhambo lenze ibanga lika-46 146.33 KM.

Lentokazi ibeyingxenye yethimba elingene ngesiklebhe sokuqala kowe-World Ocean Globe Race.Kulelithimba bekunabantu abavela kumazwe ahlukene,obekukhona kuwo owase-Utaly,India,United States,Englind,Antigua kanye nase-Afghanistan.Kulezinyanga eziyisishagalombili uVuyisile ubhekene nezimo ezahlukene endleleni yakhe ngokwesimo sezulu, njengoba abhekene nokuduma kwezulu okunamandla kanye namakhaza ashubisa umnkantsha,lokhu obunomthelela wokuthi abuye abekuthaka.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *