Breaking News

UMKHWANAZI UJABULE NGEZOKUPHEPHA KOKHETHO

0 0

UMKhuzi wamaphoyisa esifundazweni iKwaZulu-Natal (KZN) uLieutenant General Nhlanhla Mkhwanazi uveze ukuthi bengamaphoyisa basathokozile ngesimo sezokuphepha njengoba kuqhubeka ukhetho lukazwelonke. Lokhu kuvele esithangamini sabezindaba ebesibanjelwe eHoy Park eThekwini, NgoLwesithathu womhlaka 29 May.

Lomkhuzi wamaphoyisa uhole ithimba lamaphoyisa ebeliqaphe izindawo ezingase zibe neziwombe zodlame.

“ITheku belisimise kabi, besisola ukuthi singase sihlangabezane nezinkinga.Izindawo esizihambele iHammarsdale, Ntshange, KwaMashu, iPhoenix, Mlazi kanye nosoThongathi. Zonke lezindawo sibone engathi abantu basavota ngobuningi babo, ikakhulukazi KwaMashu Hostela sibona sengathi ngeke basheshe baqede” Kusho uMkhwanazi.

Okunye okuveleli ukuthi kukhona umsebenzi wekhomishini eyengamele ukhetho okuyi-Independent Electoral Commission (IEC) oxoshiwe kwisifunda saseHarry Gwala ngemuva kwezinsolo zokuchema neqembu lezepolitiki, nokuthe esexoshiwe wabuya esegqoke umfaniswano weqembu lezombusazwe. UMkhwanazi uveze ukuthi basazoba nomhlangano nabakwa-IEC ukuzwa imibiko kwezinye izinhlaka zase-KZN.

Amaphoyisa azoqhubeka nokuqapha ezokuphepha kuze kufike usuku lwangeSonto lomhlaka 2 kuNhlaba, lapho okulindeleke ukuthi i-IEC yethule ngokusemthethweni imiphumela yokhetho lukazwelonke.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *