I-Democracy Development Program NPC (DDP),okuyinhlangano efundisa abantu ngentando yeningi ibambe inggqungquthele ebihanjelwe abahlaziyi bezepolitiki,izinhlangano zepolitiki kanye nezinhlangano ezingenzi nzuzo eGarden Court Hotel eThekwini, NgoLwesithathu womhlaka-13 March.
Ngemuva kokuthi amaqembu ezombusazwe enze imibuthwano yokwethula umqulu wezethembiso zawo zokhetho lukazwelonke ,oluzokuba NgoLwesithathu womhlaka-29 May kulonyaka.Inhloso yalengqungquthela ebihlelwe i-DDP bekuwukudingida izethembiso ezenziwe ngamaqembu ezepolitiki.
Umhlaziyi wezepolitiki eNyuvesi yaseNelson Mandela eGqeberha ,uSolwazi Bheki Mngomezulu uveze ukuthi luzohluka ukhetho lwakulonyaka ngemuva kweminyaka engamashumi amathathu elakuleli lathola inkululeko yentando yeningi.
UMngomezulu uthe ukwehla kwamavoti eqembu elibusayo i- African National Congress (ANC ) kanye namavoti alahlekele iqembu eliphikisayo i- Democratic Alliance (DA) okhethweni lokugcina kukhombisa ngokusobala ukuthi lamaqembu engase engenzikahle njengoba kuyiwa okhethweni.
“Ngeke sikufihle ukuthi amaqembu afana ne-Economic Freedom Fighters (EFF),Inkatha Freedom Party (IFP),ActionSA kanye neFreedom Front Plus bakhombisa ukwesekwa kakhulu ngabantu baseNingizimu Afrika okungenze benzekahle njengoba kuyiwa okhethweni” kusho uSolwazi Bheki.
Eqhuba uDtk Mngomezulu uthe ukufika kwamaqembu ezombusazwe amasha kepha anokwesekwa okunamandla afana no-uMkhonto Wesizwe kanye nokuvunyelwa kwabantu abazongenela ukhetho ngokuzimela kuzodala ukuthi lolukhetho lushube.