Lowo obenguMeya weTheku uMnuz Mxolisi uKaunda uveze ukuthi usamukele ngezandla zombili isinqumo se-African National Congress (ANC). Leli qembu limemezele ukuthi selithumele uKuanda kwi-National Council of Provinces, eKapa esifundazweni iWestern Cape.
UMxolisi uthe inhlangano yakhe yamazisa ngendlela efanele ngesinqumo sayo, lokhu ubekusho esithangamini sabezindaba eCity Hall eThekwini namuhla, nokuyilapho evalelise ngokusemthethweni kulesi sikhundla.
“Ngajoyina i-ANC ngiyilunga ngaze ngaba nenhlanhla yokuthola ithuba lokuthunyelwa esikhundleni sokuba ungqongqoshe wezokuthutha esifundazweni KwaZulu-Natal, ngaphinda ngathola elinye ithuba lokuba iMeya yeTheku ngiyohlezi ngithobela umthetho weqembu lami ngokuthi ngiye lapho elingithuma khona, ” kusho uKuanda.