Breaking News

UHULUMENI WAKWAZULU-NATAL UVAKASHELE EMSHIYENI

1 0

UNdunankulu waKwaZulu-Natal(KZN) uMnuz uThamsanqa Ntuli noNgqongqoshe wezeMpilo eKZN uNksz Nomagugu Simelane bavakashele isibhedlela iPrince Mshiyeni Hospital eMlazi, ngoLwesine mhlaka 15 August.

Lolu hambo obelungalindelekile luyingxenye kahulumeni waseKZN wokuqinisekisa ukuthi izikhungo zikahulumeni ziyawenza umsebenzi olindeleke kuzo.

Ekhuluma uNtuli uthe, ugculisekile ngomsebenzi owenziwa ngabahlengikazi bakulesi sibhedlela.

“Kwelinye igumbi sithole isiguli esincome umsebenzi wabahlengikaze, kwesinye sathola ebesikhala ngezingqinamba ezibhekene nesibhedlela.Phakathi kwezingqinamba ezibhekene nesibhedlela, ukushoda kwabahlengikazi nokungabikho esimeni sesakhiwo sesibhedlela,”kusho uNtuli.

Wathi inkinga yesakhiwo sesibhedlela nokushada kwabasebenzi bazokudlulisela kuNgqongqoshe wezeMpilo kuzwalonke nakuMengameli uMnuz uCyril Ramaphosa.

UNdunankulu uveze ukuthi basazoqhubeka nokutheleka ezikhungweni zikahulumeni kungalindelekile, ngenhloso yokuthola ukuthi umsebenzi uqhutshwa ngendlela efanele.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *