Breaking News

UDUMA USEXOLISILE KWISILO NAKUMENGAMELI-MTOLO

2 0

Unobhala we-African National Congress(ANC) KwaZulu-Natal uMnu Bheki Mtolo ubize isithangami sabezindaba ngenhloso yokuveza izinhlelo zikaKhongolose ezikhombisa uzinzo ngemuva kwesigameko sakwaCeza.Lesithangami besibanjelwe emahhovisi e-ANC i-Dr Pixley Isaka Seme House eThekwini, NgoLwesithathu womhlaka 20 March, Lokhu kuza emva kwesigameko esenzeka NgoMgqibelo womhlaka-16 March kwaCeza, OLundi ngesikhathi kuqhubeka umcimbi obuhlelwe uHulumeni wokugubha iminyaka engu-110 wokukhumbula Isilo uDinuzulu kaCetshwayo.

Kulesigameko uNdunankulu kaZulu uMf Thulasizwe Buthelezi wayethula Isilo uMisuZulu kaZwethini, wabanenkulumo owayefaka kuyo igama likaNobhala we-ANC KwaZulu-Natal uMnu Bheki Mtolo, okuthe kusenjalo kwasukuma owayephethe uhlelo kulomcimbi uSihlalo we-ANC KwaZulu-Natal uMnu Siboniso Duma waphuca uButhelezi umbhobho wokukhuluma.

Ekhuluma uMtolo uncome uDuma ngokuthi avimbe uButhelezi, uBheki uthe inkulumo kaNdunankulu kaZulu yayinenhlese yezepolitiki wayesebenzisa isihlalo sobuNdunakulu wakwaZulu kanye nobuZulu uqobo ukufezekisa izinhloso zakhe ngokudlala umdlalo wezepolitiki. 

“UDuma ube nephutha lokuqondisa izigwegwe sesigangi phambi kwabantu abadala. Yilokhu esikuxolisayo kuMengameli uRamaphosa, uNdunankulu wakwaZulu-Natal uNomusa Dube-Ncube, KwiSilo unomthebe wethu kanye namakhosi wonke.” Kusho uMtolo. 

Kulindeke ukuthi uKhongolose uyoshweleza eNdlunkulu kungangazwe lakhe Isilo samabandla NgoLwesihlanu womhlaka-22 March. UBheki uthe beyi-ANC bazokwamukela nomangabe isiphi isigwebo abazosithola.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *