Uzobhadla ejele owesilisa waseLindelani eNtuzuma,otholwe enecala lokubulala intombi yakhe ayekade eyisola ngokuqoma.
Inkantolo yeMantshi yaseNtuzuma ithole uMnuz Mxolisi Mvula(30) enecala lobulala ngenhloso lowo owayekade eyisinqandamathe sakhe uNksz uPhindile Ntombile Mkhize(21).
Isigameko sokubulawa kukaNksz Mkhize kubikwa ukuthi senzeka ngoDecember 2022 eLindelani. Kuthiwa uMvula washaya umufi izikhawu eziyisikhombisa emshayisa ngesiphongo odongweni.Ngemuva kokumshaya odongweni kuthiwa uMvula wamgxoba umufi waze washona was’ebaleka endaweni yesigameko eshiye umufi edindilizile.
uMvula wayesola intombi yakhe ngokuthi isiqomile,njengoba yayingalalanga endlini ababekipite kuyo ngayizolo.
Ngemuva kwesigameko amaphoyisa amthungatha lona wesilisa agcina emtholile ambopha,ngemuva kwakuboshwa kwakhe wavela enkantolo wanqatshelwa ibheyili,wabe eseqhubeka nokuhamba inkantolo egcinwe esitokisini kwaze kwaba ulahlwa icala,wathola isigwebo sikadilikajele ngenxa yokubulala nesihluku uNksz Mkhize.
“Isigwebo sikaMvula sizoba isibonelo kubantu besilisa ukuthi uyajeziswa umuntu owenza isihluku kubantu besifazane,”kusho iMantshi uMohammed Montala.
Ephawula ngesigwebo sikaMvula uMshushusi uKaystree Ramsamujh uveze ukuthi uMvula waqambamanga ngesikhathi ethula ubufakazi enkantolo,wathi bekumele alahlwe icala ngenxa yesihluku abulale ngaso umufi. Umndeni kamufi usamukele ngezandla zombili ukugwetshwa kukaMvula