Breaking News

UBEYIMPUMELELO UMCIMBI WESIVEZA AMAKHONO SHOW

0 0

Uhambelahle umcimbi wokuveza amakhona obizwa nge-Siveza Amakhono show, obuKwamashu B Hall ngaphansi kweWard 54, oholwa uMhlonishwa uKhansela Fiko Mkhize.

Lo mcimbi ubuhlelwe ngu Nkz. Zanele Mkhize ongumsunguli nomqondisi we-EMBO Light enzinze ku ward 38 eLindelani.
UNkz Zanele Mkhize uthe Inhloso yalomcimbi bekuwukuveza amakhono ahlukahlukene abantu bakule ndawo abanawo nokuthi bangazithuthukisa kanjani bazakhele imali ngawo.

Amakhono maningi khona emiphakathi kodwa abantu bashoda ngolwazi ukuthi bawasebenzise kanjani ezobakhela imali.

“Yonke into iqala ekhaya. Umuntu akaziveze nomsebenzi wakhe awenzayo simusize ngokukhombisa ithalente lakhe. Kuningi esingakufunda umasinhlangene, simphinde sinekezane amacebo okuthuthukisana.” Kwenaba uNks Mkhize.

Lo mcimbi ubuhanjelwe ngamalunga omphakathi, amaciko nosomabhizinisi.
Ezinye izimenywa ezihambele lo mcimbi bekukhona UMama Zulu womsakazo ukhozi fm, uNdlunkulu, uMs. Hlengiwe Gcwabaza oyi-Area Coordinator we-ABM Unit ngaphansi kwaMasipala wetheku, uZamashenge Buthelezi ovela emyangweni wezempilo ngaphansi kwaMasipala weTheku, noZinhle Mlambo wePhaphamani Services abahlinzeka ngezinsiza ezifana nezinkonzo zomngcwabo Kanye amatombstone, Sthembiso we-SABA (Sidla Amanzi Bhinca Act), Iqembu lezintombi zefemeli, uGqobhoza Nayloni, uBhemude, Umlingisi owaziwayo uSifiso Khumalo, obuye abe ngumculi Kanye noKiss Wezilenda.
Amalungu omphakathi ahambele lomboniso athokozele kakhulu.

Umcimbi uphethe kahle kakhulu futhi uMs. Zanele Mkhize wazibongile kuKhansela Mkhize kanye nabaxhasi balomcimbi nezihambeli Kanye namalunga omphakathi. uNkz Mkhize ube esenikela ngemifaniswano yezikole kukhansela nabantu abebekhon.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *