Owayengumdlali Webhola Uyaqhubeka Nokufukula Intsha Kumakhono Ezemidlalo.

Date:

I Siyabonga Sangweni Foundation yethule ngokusemthethweni umqhudelwano iSiyabonga Sangweni Youth Month Festival 2026 emcimbini wokwethulwa nokudonswa kwamagama amaqembu obubanjelwe eHholo likaMasipala waseMfolozi..

Lo mcimbi uhlanganise abaxhasi, ababambiqhaza, abaphathi bezemidlalo, izikole, abaholi bomphakathi, abezindaba, abaqeqeshi kanye namaqembu azobamba iqhaza emqhudelwaneni. Kulo mcimbi kwethulwe ngokusemthethweni uhlelo lwalo nyaka kwaphinde kwadonswa amagama amaqembu azoqhudelana emikhakheni ehlukene yezemidlalo.

 Usaqhubeka nokuba yinkundla ebalulekile yokuthuthukisa intsha, ukukhulisa amakhono, ukuqinisa ubumbano emphakathini kanye nokuletha uguquko ngezinhlelo zemidlalo. Kulindeleke ukuthi intsha ithole ithuba lokukhombisa amakhono ayo ngesikhathi kugujwa iNyanga Yentsha ngemincintiswano enempilo.

Lo mqhudelwano uzobandakanya ibhola lezinyawo kanye nenetball emikhakheni ehlukene, okuhlanganisa amaqembu ezikole nawomphakathi.

Ekhuluma kulo mcimbi, umsunguli wale nhlangano, uSiyabonga Sangweni, ubalule ukubonga bonke abaqhubeka nokweseka lo mbono.

“Ngifisa ukubonga bonke ababambiqhaza, abaxhasi, ozakwethu, izikole, amaqembu kanye nomphakathi ngokuma nathi nokukholelwa kulo mbono. Lo mqhudelwano ungowabantu futhi uhlose ukudala amathuba entsheni yethu,” kusho uSangweni.

Uphinde wancoma owayenguthishanhloko wakhe eMgezeni High School, u Thami Mchunu, ongumengameli weKZN Sport Confederation, ngokuba neqhaza elikhulu empilweni yakhe.

“Ngifisa ukubonga ngokukhethekile uthishanhloko wami wangaphambili eMgezeni High School,  Mchunu, obedlala indima enkulu ekungikhuliseni nasekungiqondiseni. Ukwesekwa kwakho, iseluleko sakho nokukholwa kwakho kimi kungisizile ukuba ngibe yilokhu engiyikho namuhla,” kusho yena.

USangweni ugcizelele ukuthi lomdlalo awugcini nje ngezemidlalo kuphela kodwa uhlose ukwakha ikusasa elingcono lentsha.

“Lokhu kudlula ibhola lezinyawo nenetball. Kumayelana nokunikeza intsha ithemba, ukuguqula izimpilo nokwenza isiqiniseko sokuthi isizukulwane esilandelayo sithola amathuba okungenzeka thina sasingawatholi,” kusho yena.

Ukudonswa kwamagama amaqembu kudale isasasa elikhulu njengoba amaqembu ethole ukuthi azobhekana nobani emizuliswaneni yokuqala yomqhudelwano.

ISiyabonga Sangweni Youth Month Festival 2026 izoqala mhla zingama-24 kuya zingama-28 kuNhlangulana 2026, lapho kulindeleke khona izinsuku ezinhlanu ezigcwele imidlalo ethokozisayo nokugujwa kobumbano emphakathini.

Don’t miss what’s happening in your area. Subscribe for updates.

Share post:

spot_imgspot_img

Popular

More like this
Related

iTheku Lizimisele Ukweseka Imboni Yezindwangu.

 Imboni I KwaZulu-Natal Clothing and Textile Cluster (KZNCTC) igubhe...

Usebenza ngokuzikhandla Umkhandlu WeTheku Kudaba Lwabokufika

I Meya yomkhandlu we Theku u Cyril Xaba, uyaqhubeka...

Undunankulu Ugqugquzele Intsha Ukuba Ibhalisele Ukuvota Ukuze I Kwazi Ukukhetha Uhulumeni Ozobasebenzela

Undunankulu wesifundazwe I KwaZulu-Natal,  uThamsanqa Ntuli, ngokubambisana namalungu esigungu...

Baqophe Umlando Abe Thekwini Gospel Music Crescendos Beveza Ithalente

Umasipala weTheku wethule  ngokusemthethweni uhlelo lwesibili lweKhwaya i-eThekwini Gospel...