Othisha bathi lesi isikhathi sokusebenzisana nabazali ukuqinisekisa imfundo kubantwana

Date:

Othisha bakholelwa ukuthi lesi isikhathi esidinga abazali kanye nothisha ukuthi basebenzisane ukuqinisekisa ukuthi abafundi bathola isikhathi esanele sokuthi bafunde ngabodwa, ukuze bakwazi ukuvala isikhala esilahlekile ngenxa yokuvalwa kwezwe. Lokhu kuza ngemuva kokuvulwa kwebanga leshumi kanye nelesikhombisa ukuthi aphindele ezikoleni ukuyoqhubeka nokufunda ngemuva kokuvalwa kwezikole isikhathi esingangezinyanga ezintathu nokuphazamise kakhulu abafundi bebanga leshumi njengoba unyaka wabo ungafani nowamanye amabanga.

 Omunye wothisha ongathandanga ukuba lidalulwe igama lakhe ofundisa kwesinye sezikole ngaphansi kwesifunda Ugu uthe, lesi isikhathi esibucayi kakhulu kubafundi njengoba abanye babafundi bedinga ukucathuliswa ukwazi ukuqondisisa ezinye zezihloko ezifundwayo. Ukhale ngokuthi isikhathi sesidleke kakhulu ngenxa yo kokuvalwa kwezwe lokho kuzoba umqansa ekufundiseni abantwana. Uqhube ngokuthi abanye abafundi bazolinyazwa ukuthi abanaki kakhulu futhi abazijwayezanga ukufunda ngabodwa okuyinto ezobalimaza ngalesi sikhathi.  Uqube wathi kubalulekile ukuthi abazali  basebenzisane nothisa ukweseka abafundi ukuze bangasali ezifundweni zabo.

Uthisha uthe kubalulekile ukuthi baqikelele ukuthi kubekwa izimpilo zabantwana kanye nothisha phambili. “Njengoba isikhathi ekuvulwe ngaso izikole kuyisebusika kumele baqaphele ukuthi akekho ozithola esegcupheni yokulahlekelwa impilo ngoba ibalulekile kanjalo nemfundo.  Ngakho kumele kuqinisekiswe ukuthi akuthathwa izinqumo ezizobeka okukodwa kwalokhu egcupheni”, kusho uthisha.

Umzali okhulume nentatheli uNkzn Khanyisile Skhosana uthe wenza konke okusemandleni ukuseka abafundi abasegcekeni lakhe. Uqube wathi ezinye izinto eziyizingqinamba ukusiza abafundi ukubiza ngokweqile kweData okuyilona elisebenza kakhulu ukuze abafundi bakwazi ukuthola amaphepha emibuzo edlule kanye nokuxhumana nabanye abafundi ukudingida ngezifundo zabo zonke izinsuku.

Don’t miss what’s happening in your area. Subscribe for updates.

Share post:

spot_imgspot_img

Popular

More like this
Related

Bakhale Bmuka Nezimoto abezemidlalo Bonyaka Ngoxhaso Lwakwa JOMA

Kube yimpumelelo ukwethulwa kwemklomelo eyahlukahlukene yokuklomelisa abenze kahle emkhakheni...

Kuphoqeleke Ukuthi Bevale Abanikazi Bezitolo zabokufika Ngemuva Komkhankaso Wokuhlanza Umgwaqo U Victoria

Zisavaliwe izito zabokufika ezikumgwaqo Victoria Kanye no mgwaqo u...

Ungqongqoshe Umisa Uxhaso Lwe-EPWP Ethekwini Ngenxa Yokungahambi Kahle Kwezimali

UNgqongqoshe Wezemisebenzi Yomphakathi Nezingqalasizinda, uDean Macpherson, umemezele ukuthi uzomisa...

Buyaqhubeka Ubudlelwane Phakathi Kahulumeni Nesilo Samabandla.

UNdunankulu waKwaZulu-Natal, uThamsanqa Ntuli, ube nengqungquthela noNgangezwe Lakhe,...