OwaseMthwalume usungule ikhasi lika Facebook elizoshintsha izimpilo

Date:

Izinkundla zokuxhumana sezizakhele udumo olukhulu kubantu ngezinto eziningi ezingezinhle nezidicilela phansi isithunzi sabanye abantu. Lokhusekuze kwenza umuntu azibuze ukuthi ngabe into ekuthiwa ubuntu isekhona yini emhlabeni. Nokho akusibona bonke abantu abasebenzisa izinkundla zokuxhumana ukudicilela phansi isithunzi okanye benze ubugebengu. Ubufakazi balokhu kugqame ngesikhathi insizwa esencane yaseMthwalume izibophezela ekushintsheni izimpilo zabantu ngekhasi eliqale enkundleni yezokuxhumana uFacebook.

UGugu Prince Gasa ongumsunguli walelikhasi elaziwa ngokuthi iConsolidated Mthwalume Citizens unetshisekelo yokuguqula isimo sezimpilo zabantu abaningi kulendawo ngokubanikeza izinsiza zasezindlini kanye nokudla kuleyo mindeni entulayo. UGasa uthe indawo yaseMthwalume inabantu abaningi abangakwazi ukususa ikati eziko ikakhulukazi esikhathini samanje njengoba imisebenzi ingekho.

“Intsha iyafunda kodwa imisebenzi ayitholakali kanjalo nabantu abadala abahlala nabazukulu. Ngakho ngibone sikhona isidingo sokuthi ngakhe ikhasi elizokwazi ukuhlanganisa labo abangakwazi ukuphosa esivivaneni ukuze kubekhona imindeni elala idlile”, kusho uGasa

Lelikhasi elikhula ngesivivini esiphezulu lithole ukuxhaswa kakhulu osomabhizinisi kanye nabanye abantu abanesifiso sokusiza ukuthuthukisa izinga lempilo kubantu baseMthwalume. UGasa uveze ukuthi zikhona izinsizwa kanye nezintokazi asebenzisana nazo ukuqinisekisa ukuthi kuleli khasi akudicilelwa phansi isithunzi sabantu futhi alichemi ngokwezepolitiki futhi alicwasi ngokobulili.

UGasa uphethe ngokuthi okubanika intshisekelo yokuqhubeka nalokhu akwenzayo ukuthola izingcingo ezivela ezindaweni ezakhele uMthwalume zifisa ukuthola amacebo kanye nosizo ukuze kuguqulwe isimo sempilo emiphakathini yabo.

Don’t miss what’s happening in your area. Subscribe for updates.

Share post:

spot_imgspot_img
spot_imgspot_img

Popular

More like this
Related

I Hollywood Foundation Iyaqhubeka Nokuthuthukisa Ukwezethemba Kubantwana

IHollywood Foundation inikele ngo-R250 000 enhlanganweni iSouth African Riding...

Izakhamuzi ZaseWard 105 Zifuna Izimpendulo Ngemuva Kweminyaka Emihlanu Bengenamanzi

Kubantu abayizinkulungwane abahlala kuWard 105, ukuphuma kwelanga nsuku zonke...

Ukhale Wamuka Nomngani Oxoshwe ngomlayezo ka  Whattapp

IDemocratic Alliance (DA) KwaZulu-Natal yamukele amakhansela amabili aseThekwini...

Seziqalile Izinxoxo Zokubhunga Ngokukhulisa Umnotho

Sonto Lezimboni le-SADC (SADC Industrialisation Week) liwumcimbi omkhulu wale...