Breaking News

LIZIBULELE IPHOYISA ELASHAYISA OWESIFAZANE EPHOENIX

0 0

Lizidubule ngesibhamu somthetho lashona iphoyisa ebelisolwa ngokushayisa owesifazane limbulale ePhoenix.

Leli phoyisa elithathe impilo yalo ngoMsombuluko mhlaka 19 August, kuthiwa lizidubule ngoba libalekela ukuboshwa.

Ekhuluma uKhomshana wamaphoyisa KwaZulu-Natal uLieutenant General Nhlanhla Mkhwanazi ukuqinisekisile ukufa kwePhoyisa ebelisolwa ngokushayisa owesifazane.
Wathi leli phoyisa lafika esiteshini lazobika ukuthi imoto ebeliyisebenzisa itshontshiwe emzini walo.Umbuzo wabe usuthi itshontshwe kanjani ngoba emzini walo kubiyiwe.

“Nokuthi imoto etshontshiwe inumber plate yayo yatholakale endaweni okushayiswe kuyo umuntu.Singamaphoyosa sabe sesiqala uphenyo sifuna ukuthola ukuthi imoto ishayise ihamba iphoyisa noma isigebengu.Iphoyisa labe selinyamalala libona ukuthi sizolithola kwathi namhlanje ekuseni lathatha umphefumulo walo ngesikhali samaphoyisa,”kuchaza uMkhwanazi.

Lesi sigameko sokushayiswa kowesifane owayehamba nesoka lakhe senzeka emgwaqweni uHighway ePhoenix, ngoLwesithathu mhlaka 14 August.
Kuthiwa leli phoyisa okuvele ukuthi lalihamba ngesivinini esiphezulu, lashaya lachitha endaweni yesigameko.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *