Breaking News

KWETHULWE NGOKUSEMTHETHWENI UHLELO LWAMANZI KUMASIPALA WASEMFOLOZI

1 0

IMeya kaMasipala wsSifunda iKing Cetshwayo uMnu Thamsanqa Ntuli uphumele obala ngenkinga yamanzi ebhekene nolomkhandlu awuholayo. Lokhu kuvele ngenkathi umeya uNtuli ngokuhlanganyela nenkampani iRichards Bay Aluminium giant,South 32 bethula ngokumsethethweni uhlelo lokufakwa kwamanzi oNtingweni Community Hall, kwaSokhulu, enyakatho neTheku,NgoLwesithathu womhlaka-20 December.

Ekhuluma uMeya Ntuli uthe ngeke akufihle ukuthi isimo sokuhlizeka umphakathi ngamanzi simbi kakhulu kulesifunda saseKing Cetshwayo ikakhulukazi ngaphansi kaMasipala uMfolozi,uMasipala uMlalazi,uMasipala waseNkandla kanye noMasipala waseMthonjaneni.

”Ingiphethe kabi indaba yokuthi kusenabantu abangawatholi amanzi ekubeni phambilini imali ibize ibuyele emuva kodwa abantu bengahlizekiwe ngamanzi. Siyabonga kwinkampani iSouth 32 ngoxhaso lwabo njengoba sizoqhuba nabo uhlelo lokufaka imishini edonsa amanzi phansi komhlaba loluhlelo luzoba nomthelela omuhle emphakathini” kusho uNtuli.

Oyisikhulu esiphezulu enkampanini iRichards Bay Aluminium Gient,South 32 uMnu Calvin Mkhabela, uthe inhloso yabo ngaloluhlelo ukuthuthukisa izimpilo zabantu njengoba lokhu kufakwa kwamanzi ahlanzekile kuzosiza imindeni engu-10 000. “Siyathemba sizosebenzisana kahle noMasipala sikwazi ukuqeda ngesikhathi esifanelel njengoba sifisa ukuphothula loluhlelo emva konyaka” kusho uMkhabela.

I-South 32 ifake imali engango-R5.7 million wamarandi, kuloluhlelo luzophinde lusungule amathuba omsebenzi angu-53, kanti amawadi angaphansi koMasipala uMfolozi azohlumula ngalomsebenzi ilawa- wadi1,Wadi 3,Wadi 4,Wadi 5,Wadi 9,Wadi 10,Wadi 12,Wadi 13,Wadi 11,Wadi 15 kanye no wadi 17.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *