Breaking News

KWETHULWE NGOKUSEMTHETHWENI ISIKHUNGO SE-NYDA

0 0

Inhlangano emele ukuthuthukiswa kwezimpilo zabantu abasha i-National Youth Development Agency (NYDA) ngokuhlanganyela noMasipala uMhlathuze kanye noMnyango wezokuQasha nabasebenzi,bavule ngokusemthethweni amahhovisi e-NYDA Empangeni enyakatho neTheku,NgoLwesihlanu womhlaka-16 February.

USihlalo we-NYDA uNks u-Asanda Luwaca uthe inhloso yenhlangano yabo ukunikeza abantu abasha amathuba amqoka okusimamisa amabhizinisi abo kanye nokuthola amathuba omsebenzi.”Okusenze sakhetha ukusebenzisana noMasipala uMhathuze ukuthi sikwazi ukusabalala yonke indawo ukuze yonke intsha izokwazi ukusizakala” kusho uLuwaca.

Eqhuba u-Asanda uthe kunohlelo abazoluqhuba kulesi sikhungo lapho bezoxhasa intsha engu-80.ULuwaca uthe uma sebehlonza abantu abasha abazothola loluxhaso ngaphansi kwaloluhlelo, ngeke bakhethe ngokweziqu zemfundo noma ngokwesipiliyoni somsebenzi.

Ekhuluma uNgqongqoshe wezokuQasha nabasebenzi uMnu Thulasi Nxesi uncome umsebenzi owenziwa i-NYDA wokwandisa izikhungo kuzona zonke izifunda kanye nezifundazwe ukuze intsha izokwazi ukufundiswa ngamathuba omsebenzi kanye nokuzisungulela amabhizinisi.

“Esikufundile ngomsebenzi we-NYDA ukuthi kumele kusetshenzwe ngokubambisana uMnyango wezeMfundo uqeqesha intsha ngamakhono,uMnyango wezolimo,Abasebenza ngogesi kanye neminye iminyango. Kubalulekile ukuthi i-NYDA ithole zonke izinsizakusebenza ezidingayo ukuze izokwazi ukunikezela ngokusizo oluseqopheleni eliphezulu” kusho uNxese.

IMeya kaMasipala uMhlathuze uKhansela Xolani Ngwezi uveze ukuthi loluhlelo lokuba nesikhungo se-NYDA kulomasipala walufica ohlwini lezinhlelo zehhhovisi lakhe ngonyaka ka-2021.UNgwezi uthe ujabule ukuthi ekugcineni uMkhandlu waseMhlathuze ngokubambisana ne-NYDA bakwazile ukwenza loluhlelo lwabayimpumelelo.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *