Breaking News

KUSUKE UMDONSISWANO PHAKATHI KWE-MK NE-ANC ESIKHUNGWENI SASE-GLEBELANDS

0 0

Kusuke umsindo eGlebelands hostela ngesikhathi amalunga enhlangano uMkhonto weSizwe (MK) enokuphambana ngombono namalunga e-African National Congress(ANC). IMK isole i-ANC ngokukhankasa ngezikibha kubantu ababekade bezovota kulesikhungo. Lokhu kwenzeke ngesikhathi kuqhubeka ukuvota kwisikhungo iGlebelands Hostela, eMlazi eNingizimu yeTheku.

Ekhuluma oyilunga le-Mk uMnu Guy Malamba uthe uKhongolose uphula umthetho weKhomishini eyangamele ukhetho kuleli i-Independent Electoral Commission(IEC) onqanda izinhlangano zepolitiki ukuthi zingakhankasi ngaphakathi ezikhungweni zokuvota.

“Sifuna ukwazi ukuthi abasebenzi bakwa-IEC lana ngaphakathi , bayivumele kanjani i-ANC ukuthi inikeza abantu izikibha zeqembu labo okuyindlela yokukhankasa.Lokhu kuhlukumeza ilungelo labantu lokuthi bengaphazamiseki ngaphakathi endaweni yokuvota” Kusho uMalamba.

Eziphendulela usekela nobhala we-ANC kuwadi 76 uMnu Simphiwe Duma uvumile ukuthi iqembu lakhe libamukezile abantu izikibha, ukuchithile ukuthi bebekhankasa ngazo. “Abantu bazicelia izikibha ze-ANC,Kuyishwa ukuthi lapha eNingizimu Afrika kukhona abantu abacabanga ukuthi ungakhankasa ngesikibha. Abantu bafuna ingqalasizinda bavotela iqembu ngoba liletha izidingo zabantu ngeke umuntu akuvotele ngenxa yokuthi umuphe isikibha” Kusho uDuma.

Kuhamba kancane ukuvota kulesikhungo saseGlebelands njengoba kunenkinga yemishini yakwa-IEC. Bangu-2000 abantu ababebhalisele ukuvota kulesikhungo.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *