Breaking News

KUPHELILE UKUQAGELA NGEKUSASA LE-IFP KWEYEMISHADO

0 0

Inkatha Freedom Party (IFP) ibeyiqembu lokuqala ukuphumela obala ngezinqumo zayo ezithinta ukwakhiwa kukahulumeni.

Lokhu kuza ngemuva kokuthi uMengameli we-IFP uMnuz Velenkosi Hlabisa, umemezele ukuthi leli qembu lizongena emshadweni ne-African National Congress (ANC), iDemocratic Allience (DA) kanye neNational Freedom Party (NFP) esifundazweni iKwaZulu-Natal(KZN).
Le nhlangano iphinde yaveza ukuthi kuzwelonke izongena kuhulumeni wokubusa ngokubambisana owaziwa nge-Government National Unity(GNU).

UHlabisa ubekhuluma esithangamini sabezindaba kusihlwa, ehhovisi lekoMkhulu le-IFP eThekwini.

UHlabisa uthe ngesikhathi inhlangano yakhe ikhankasela ukhetho luka 2024 yanxusa abantu ukuthi bavimbe iqembu le-ANC lingatholi amavoti angaphezulu kuka 50%.

“Ukungena kwethu emishadweni namanye amaqembu akusho ukuthi sizosuka kwizimiso zeqembu lethu kanye nakwinqubomugomo yethu, ” kusho uMnuz Hlabisa.

Eqhuba lo mholi uphinde waveza ukuthi imizamo yokuba nomhlangano neqembu Umkhonto Wesizwe (MK) ayiphumelelanga.
UHlabisa uthe lamaqembu eyehlele ukuba nomhlangano NgoMsombuluko womhlaka 10 June ntambama.
“Amalunga ethu esasiwathumile afika endaweni esasihlele ukuhlangana kuyo ngemuva kokulinda amahora amabili, aze ahamba engakafiki amalunga eMK. Wasala uMkhuleko Hlengwa walinda amanye amahora amabili nakhona akekho owe-MK owafika, ” kubeka uMengameli we-IFP.

UHlabisa uveze ukuthi basazivulile izandla ngokusingatha izingxoxo neMK ngoba kusekhona isifundazwe sase Gauteng abangasebenzisana kuso.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *