Breaking News

KULINDELEKE UMDLALO WESIBHAKELA OMUHLE KOWE-IMPI THIS IS WAR

0 0

Intaka ibekwelwe amazolo kumdlalo wesibhakela obizwe nge-Impi this is War ohlelwe iHlula Dladla Promotions, lokhu kuvele esithangamini sabezindaba ebesibanjelwe eRaddson Blue Hotel, eThekwini, NgoLwesihlanu 1 December.

Impi elindelwe ngamehlo abomvu ephakathi kosaziwayo ababili umculi weHip Hop uSiyabonga “Big Zulu” Nene kanye nosomabhizinisi uPhumlani Njilo.
Ekhuluma uPhumlani uthe konke sekumi ngomumo njengoba esenenyanga enza amalungiselelo alempi. “Mina ngigabe ngokushesha angishayi kalula,uBig Zulu unamandla nesandla sokudla esiyingozi kumele ngisiqaphele nginawo amaqhinga” Kusho uNjilo.

Ephawula ngalempi uBig Zulu uthe inhloso yakhe kuzobe kungasiyona ukulimaza uPhumlani kuzobe kuwubonisa abathandi besibhekela umdlalo omuhle,”Ngokwakhe uthi ufuna ukungiwisa kumzuliswano wesithathu ngoba ucabanga ukuthi ngizobe sengikhathele kanti sengicabanga ukumshaya lapho amncane ngakhona” Kusho uNene.

Impi This is War izokuba se-Oliver Conversation Centre eThekwini NgoMgqibelo womhlaka 9 December.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *