Breaking News

KUKHALWA NGOKUDLANGA KOBUGEBENGU E-VERULAM

0 0

Isiphenduke isizinda sezaphulamthetho indawo yaseVerulam ,lokhu kuvele ngenkathi iqembu le-Democratic Alliance(DA) liqhinqe ngaphandle kwamasango ase-Verulam Police Station enyakatho neTheku ,NgoLwesithathu womhlaka-23 April.

I-DA ivakashele lendawo ngenhloso yokuhlola indlela okusetshenzwa ngayo kulesikhungo samaphoyisa ngemuva kokuboshwa kuka-Anthony Gounden oyisakhamuzi kulendawo osolwa ngokushushubisa izidakamizwa.Lomsolwa okuvele ukuthi ungumuntu osatshwayo emphakathini ngenxa yokuthi usebenzisana namaphoyisa ase-Verulam Police Station,washaqwa uphiko lwamaphoyisa oklebe ngemuva kokushaya iphoyisa loMkhandlu weTheku (Metro Police) ,nokuthe makuqhubeka uphenyo lecala kwavela namanye amacala okusolakala ukuthi uyathinteka kuwo.Lomlisa usagcinwe ngaphakathi estokisini ngemuva kokunqatshelwa ibheyili.

Ekhuluma uMnu Christopher Pappas we-DA uthe kumele kuqedwe isihlamva samaphoyisa akhohlakele asebenzisana nezigebengu.Wathi beyiqembu bafuna ukuthi kwakhiwe uMnyango wamaphoyisa ozimele azosebenza ukulwa nobugebengu obusesifundazweni iKwaZulu-Natal (KZN).

“ Okwamanje sine-IPID (Independent Police Investigative Directorate) okwiyona esifaka kuyo izikhalo zethu uma singagculisekile ngomsebenzi wamaphoyisa, inkinga yona (IPID) ibika kosopolitiki ,uNgqongqoshe wamaPhoyisa kanye nakuMengameli wezwe manje labo bantu bayavikelana, kumele sihlukanise uMnyango we-IPID nohulumeni ukuze uzozimela” kusho uPappas.

Oyisakhamuzi sakulendawo uNkk Uka Hariparsad uthe usephila ngokwesaba ngenxa yokuhlaselwa izigebengu emzini wakhe amahlandla amaningi.”Bangigqekezela indlu yami bephindelela batshontsha amapayipi ekhopha.Ngawabikela amaphoyisa ngalesigameko nanamuhla awakaze afike,ngiyasola amaphoyis’akulendawo asebenzisana nezaphulamthetho” kusho uHariparsad.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *