Ubeyimpumelelo umhlangano wokuqinisa ubudlelwano phakathi kukaMasipala weTheku kanye nePhini leMeya Yezindaba Zamazwe Ngamazwe eDolobheni lase-Los Angeles uNkkz Erin Bromaghim, obubanjwe ngenhloso yokuqinisa ubudlelwano bobunxusa. Lo mhlangano, obunge sonto eledlule.
IPhini leMeya lithe bebegxile ekujuleni kobudlelwano nezimakethe ezibalulekile kanti iNingizimu Afrika iyizwe elihwebelana kakhulu ne-USA.
UNkkz Erin ngesikhathi kuqhubeka lo mhlangano uzwakalisa ukuzibophezela ekuqiniseni ubudlelwano phakathi kweLos Angeles neDolobha laseThekwini.
IDolobha laseThekwini lineSivumelwano Sokusebenzisana esikhona kanye nedolobha i-Los Angeles elise-United States of America (USA) kanye nezingxoxo ezigxile emathubeni okubambisana phakathi kwala madolobha womabili emikhakheni eyahlukene okubalwa eyemvelo, ezempilo, ezemidlalo, ukuhlaliswa kwabantu, ezasolwandle, imfundo, ukusungula izinto ezintsha kanye nobuchwepheshe.
IPhini leMeya uNkkz Erin uthi njengoba bebheka ekuseleleni isivunelwano sokuqonda phecelezi iMemorandam of understanding yabo yokusebenzisana, bazobheka ukuthi bangayilingisa kanjani imodeli ye-AltaSea eThekwini.
“Sifuna ukwandisa ukusebenzisana kwethu ukuze kudlulele ngale kukahulumeni nje kuphela, kodwa sifuna ukuletha ozakwethu abavela emfundweni ephakeme kanye neminye imikhakha ebalulekile ukuze basisize siqhubekisele phambili ubudlelwano bethu. Ngijabule ngokuqhubeka nokuthola izindlela zokulandela lokhu kubambisana, ikakhulukazi mayelana nohlelo lwe-AltaSea, i-C40 Green Ports Forum futhi ngiqhubeke nokuxhumana njengoba sihlunga i-Africa Trade Investment Strategy ukuze sithole amathuba abalulekile phakathi kweLos Angeles neTheku,” kubeka iPhini leMeya.
UMphathi wedolobha, uMnu Musa Mbele obengomunye wezithunywa ebezihambele elase Melika uphinde wadlulisa isimemo esibheke ehhovisini lika Meya ngenkomfa ebizwa nge reSURGEnce ezoba mhlaka 17-20 July 2024.
“Siyakwazisa ukuzibophezela kwakho ukwabelana namanye amabhizinisi ase-Los Angeles mayelana ne-RESURGEnce Conference esizoba nayo. Njengoba kuyingqungquthela yokuqala, sifuna ukuyenza ibe nkulu nakakhulu ukuya phambili. Sifuna ukuhlola imikhakha yokubambisana okuhlanganisa namathuba ezomnotho lapho i-USA ingabelana ngobungcweti kanye nokusungula izinto ezintsha ekudaleni amathuba emisebenzi, ezezindlu, ezemfundo, ukubhekana nokuguquguquka kwesimo sezulu, kanye nokuqinisa ubudlelwano bethu bamadolobhakazi. Sibheke ngabomvu izingxoxo ezizayo,”kusho uMbhele.
Ukuxoxisana neHhovisi likaMeya eDolobheni lase-Los Angeles kanye nokuqaliswa kokukhuthazwa kwezindawo okuyiwa kuzo okwamanje e-USA kuyingxenye yomkhankaso omkhulu weDolobha wokukhulisa umnotho nokuheha abatshalizimali bamazwe ngamazwe eNgqungqutheleni Yokuvuselela kabusha umnotho weDolobha.