Breaking News

IKHUZA IBUYA I-SIYABONGA NOMVETHE SCHOOLS CUP

0 0

Inkakha yebhola yakuleli uSiyabonga “Bhele” Nomvethe yethule ngokumsethethweni ukubuya kwemidlalo iSiyabonga Nomvethe Schools Cup.Lemidlalo engaphansi kwenhlangano yalenkakha iSiyabonga Bhele Nomvethe Foundation yethulwe NgoLwesithathu womhlaka-15 May,eMoses Mabhida Stadium eThekwini.

Lomncintiswano uzogijinywa ngabafundi basezikoleni zamabanga abaphansi abaneminyaka engu-13 kuyaphansi Kanye nezamabanga aphezulu abaneminyaka engu-19 kuyaphansi. Zingaphezulu kuka-2000 izikole ezizoba yingxenye yalomqhudelwano.

Ephawula ngeSiyabonga Nomvethe Schools Cup,uSiyabonga Nomvethe uthe isizathu esamenza waba naloluhlobo lwemidlalo ukuthi naye wathola ithuba lokuvelela kwezemidlalo ngemuva kokuthi ethole ithuba lokuzibonakalisa esikoleni owayefunda kuso KwaMashu.
“Kuyangithokozisa ukuthi kulonyaka lemidlalo izodlalwa iKwaZulu-Natal yonke lokhu kusho ukukhula kwayo njengoba ngonyaka owedlule sayiqala sisanake indawo yase-Ink (Inanda,Ntuzuma naKwaMashu).Ihloso yethu ukuqwashisa abantwana ngokuthi banake ezemidlalo bengazibandakanyi nezidakamizwa kanye nezinye izinto ezingaphazamisa izifundo zabo, ” kusho uNomvethe.

Eqhuba uBhele uveze ukuthi nakuba eyinkakha yebhola likanobhutshuzwayo kodwa njengomuntu okhulele KwaMashu ngeke avalele ngaphandle ibhola lomnqakiswano.Lomncintiswano ozofaka imidlalo yebhola lezinyawo Kanye nebhola lomnqakiswano izinhlelo zokuqala kwayo zizomenyezelwa maduze ,kulindeleke ukuba zibe ngenyanga ezayo(June) noma ngo-July.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *