Breaking News

IBAFANA IWUQALEKAHLE UMGQIGQO WOKUHLUNGELA INDEBE YOMHLABA

0 0

Injabulo kumqeqeshi weBafana Bafana iqembu lakhe liqale ngegiya eliphezulu umkhankaso wokuhlungela iNdebe yoMhlaba ka-2026 ngesikhathi lishaya iBenin ngo 2-1 emdlalweni obuseMoses Mabhida Stadium,eThekwini,NgoMgqibelo womhlaka-18 November ntambama.

IBafana icacise zisuka ukuthi izimisele ukunqoba lomdlalo, lokhu kuhlale obala ngesikhathi uPercy Tau eshaya igoli ngomzuzu webisili umdlalo uqalie,kwathi igoli lesibili libekwe enethini ngu-Khuliso Mudau ngomzuzu ka-45.Igoli leBenin lishawe nguSteve Mounie ngesiwombe sesibili ngomzuzu ka-70.

Ngaphambi kwalomdlalo umqeqeshi weBafana Bafana uHugo Broos uveze ukuthi ukunqoba lomdalo kuzobajabulisa ngoba kuzobabeka esicongweni sika-Group C,okuyinto akholelwa ukuthi izonyusa ukuzethemba kubadlali.

Ephawula emva kwalomdlalo uBroos uthe akafuni ukubala amathuba abawatholile nokuhlaziya kakhulu indlela abadlale ngayo ,ebeka ngelithi okubalulekile ukuthi bakwazile ukunqoba.

“Zibekhona izikhathi ezinzima ngesiwombe sesibili kodwa namuhla ukubakhona kwabalandeli kusinike amandla.

Angifuni ukuqamba amanga ngijabule ukubona abalandeli abayizinkulungwane bezosiseka ngobuningi babo,okuyinto ebiqala ukwenzeka selokhu ngafika kuleliqembu” kusho uHugo.

Ekhuluma ngemuva kwalomdlalo umqeqeshi weBenin uGernot Rohr uthe ubevele elindele umdlalo onzima ngoba iBafana inabadlali abaseqopheleni eliphezulu ebala uPercy kanye nabadlali beqembu leMamelodi Sundowns. “Sibenezinkinga ekhimpini yethu sisalungisela lomdlalo lapho u-Olivier ethole izindaba zokudlula emhlabeni kamfowabo kwabesekuphoqa ukuthi abuyele emndenini wakhe,nasemdlalweni siphoqelekile ukukhipha uHountondji ngenxa yokuthi ubegula, kodwa angizami ukubika izaba basebenzile abafana sizobona emdlalweni olandelayo” kusho uRohr.

Emdlalweni waleliqoqa olandelayo iBenin izobhekana neLesotho khona eMoses Mabhida Stadium NgoLwesibili womhlaka-21 November ngo-3 Ntambama.Ngesikhathi esifanayo iBafana izovakashela iRwanda eHuye Stadium.Njengoba eyisithupha amazwe akuleliqoqo lika-C amanye amazwe akhona iNigeria neZimbabwe.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *