Breaking News

I-IFP IGQUGQUZELA UMPHAKATHI UKUYOKWETHAMELA UMQULU WEZETHEMBISO

0 0

USihlalo weqembu le-Inkatha Freedom Party (IFP) KwaZulu-Natal (KZN) uMnu Thamsanqa Ntuli ubone leliqembu lihlukile kwamanye ezepolitiki ngenxa yomlando ophathekayo eliwenzele umphakathi.

 Lomholi uveze lokhu ngesikhathi kuqhubeka imicimbi yalenhlangano ebibanjelwe ezindaweni ezahlukene njengoba bekukhona obuseMlazi omunye uKwaMashu, NgoMgqibelo womhlaka-17 February, ngenhloso yokukhuthaza abantu ukuba baphume ngothi lwabo ukuyokwethamela ingqungquthela , lapho uMengameli we-IFP uMnu Velenkosini Hlabisa ezokwethulwa umqulu wezethembiso zaleliqembu njengoba kuyiwa okhethweni lukazwelonke. 

Lengqungquthela izobanjelwa enkundleni iMoses Mabhida Stadium eThekwini, NgeSonto lomhlaka-10 March.

UMhlonishwa Thamsanqa Ntuli iqembu le-IFP elizofolosa ngaye esikhundleni sokuba uNdunankulu wase-KZN uveze ukuthi lenhlangano inomlando njengoba yakhela umphakathi amahostela, izikole, izikhungo zemfundo ephakeme okubalwa kuzo i-Mangosuthu University of Technology, izindlu kanye nezibhedlela.

“Isimo seTheku simbi kabi njengoba kungaqoqwa udoti ngisho ezindaweni eziselungwini, imigwaqo imigebhugebhu kanti umphakathi awuwatholi amanzi.Kunomunye umholi welinye iqembu owangitshela ukuthi kunemali engango R 3 Million ebihlelelwe ukuthi ixhashazwe iqembu elibusayo kulomasipala” Kusho uNtuli. 

Eqhuba uNtuli uveze ukuthi iqembu leNkatha lizongenelela ukusiza imboni yamatekisi, wathi kunemithetho okumele ishintshwe kulemboni ngoba iqukethe icindezelo ebala umthetho we- operation shanela.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *