Breaking News

I-IFP IFUNA UKWAZIWA KANGCONO NGE-INKATHA CAST

0 0

UMengameli weqembu lezombusazwe lnkatha Freedom Party (IFP) uMnu Velenkosini Hlabisa wethule ngokusemthethweni isigcawu sokuqopha izindaba zaleliqembu esibizwa nge-Inkatha Cast.Lokhu kwenzeke emahhovisi e-IFP aseThekwini NgoMsombuluko womhlaka-6 May.

Ekhuluma kulomcimbi wokuvula Inkatha Cast uMengameli uHlabisa uthe lesigcawu sizosiza lenhlangano ukuthi yaziwe kangcono ngumphakathi waseNingizimu Afrika.Wathi abantu bazothola elinye ithuba lokwazi umlando waleliqembu othinta indlela elasunguleka ngayo,ukwazi izimiso zeqembu kanye nokwazi kabanzi abaholi baleliqembu.

“Abantu bazothola ithuba lokusazi kahle njengabaholi beqembu,uma sebesazi kangcono bazoba nezizathu zokwethemba ubuholi bethu.Ngiwulindele ngamehlo abomvu umkhiqizo wezindaba ozophuma lapha kwi-Inkatha Cast,ngakhoke nginethulela ngokusemthethweni indawo ye-IFP yokwethula izindaba,bangani bethu abasemkhakheni wezindaba qaphalani sesifikile nathi” kusho uHlabisa.

Ephetha loMholi uveze ukuthi ukwethulwa kwe-Inkatha Cast kungaphezulu kokukhankasela ukhetho lukazwelonke oluzokuba NgoLwesithathu womhlaka-29 May.Njengoba lesigcawu sezindaba se-IFP sizoqhubeka nokusetshenziswa ngisho nangemuva kokhetho.Leliqembu lenze lengqophamlando ngemuva kweminyaka engu-49 lasungulwa

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *