Breaking News

I-IEC ISIKULUNGELE UKUSINGATHA UKHETHO LUKA–2024

1 0

IKhomishini eyengamele ukhetho kuleli i-Independent Electoral Commission (IEC) ehhovisi lesifundazwe iKwaZulu-Natal isikulungele ukusingatha ukhetho luka-2024. Kulandela ukuthi oyilunga le-IEC kuzwelonke uMnu Glen Mashinini ngokuhlanganyela noNks Ntombifuthi Masinga wehhovisi lakwa-IEC eKZN bevule ngokusemthethweni isikhungo sokubala amavoti alesifundazwe, okuyi-Inkosi Albert Luthuli International Convention Centre eThekwini, NgoLwesihlanu womhlaka-24 May.

Lomcimbi ubuhanjelwe nawuNdunankulu waKwaZulu-Natal uNkk Nomusa Dube-Ncube.

Ekhuluma uMasinga uthe kusemqoka ukufundisa umphakathi ngokubaluleka kokuvota ngoba kuyindlela yokuqhuba inkululeko.

“Abazovota kumele bebenalo lonke ulwazi ngamalungelo abo , bephinde bazi imigomo nemibandela yakwa-IEC ezobasiza ukwazi ngokulindeleke kubo njengoba kuyiwa okhethweni. Sigqugquzela ukuthi kube nokusebenzisana okuhle phakathi kwekhomishini eyengamele ukhetho (IEC) kanye namalunga omphakathi ukuze ukhetho luzohamba ngendlela efanele” Kusho uNtombifuthi.

Kuvele ukuthi angu-52 amaqembu ezombusazwe angenele ukhetho lukazwelonke,angu-33 esifundazweni (KZN) kanti angenele olwezifunda angu-36.

UNdunankulu wesifundazwe uveze ukuthi nakuba izikhungo zokuvota eziningi zinhlizekiwe ngengqalasizinda, zikhona izikhungo ezisabhekene nengqinamba yokugqoza kwamanzi ezingxenyeni zalesifundazwe.

Phezu kwalezinkinga ezibalwe ubuholi base-KZN, kunenhlansi yethemba lokuthi ukhetho luzoqhubeka ngendlela enokuthula.

“Sibonge ku-IEC ngendlela abaziqinise ngayo ezokuphepha nokuyindlela ekhombisa ukuthi sizoba nokhetho elinobuqotho. Kulonyaka izinhlangano zepolikiti zikhombise ukuvuthwa njengoba kuheleza umoya wokuthula ngaphambi kokhetho lwakulonyaka. Lokhu kuhlukile kwiziwombe zodlame ezabakhona ngesikhathi kulungiselelwa ukhetho luka-1994.ukufika kwemithetho emisha, eqhamukene ne-IEC okubalwa umthetho wokuzibophezela kwezinhlangano zepolikiti,okwathi ngenyanga edlula zacikica isivumelwano sokuziphathakahle” Kubeka uDube-Ncube.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *