Breaking News

I-DA IKHALA NGAMAQEMBU AVIKELE IMEYA YETHEKU

0 0

Asiphumelelanga isiphakamiso se-Democratic Alliance (DA) sokuthi kuhlakazwe uMasipala weTheku. Lesiphakamiso sokungabuthembi ubuholi beqembu elangemele loMkhandlu, siphakanyiswe iqembu le-DA ngokusekelwa inhlangano, Inkatha Freedom Party (IFP) emhlanganweni wamakhansela aseThekwini, obuse-Inkosi Albert Luthuli International Convention Centre eThekwini, NgoLwesithathu womhlaka-31 January. 

“Silapha e-ICC namuhla emhlanganweni wamakhansela sivotele ukungabethembi ubuholi obuphethe uMkhandlu weTheku, siyabonga kumaqembu asesekile isiphakamiso sokuhlakaza loMasipala ngoba konke okwenzeka lapha eThekwini, Kwenzeka ngaphansi kobuholi bukaMeya Khansela Kaunda” Kusho ongumholi wamakhansela e-DA eThekwini uMnu Thabani Mthethwa. 

Eqhuba uMthethwa uthe kuyadumaza ukuthi amanye amaqembu aphikisayo akhethe ukudayisa ngabantu baseThekwini njengoba eseke uMeya weTheku ongaphansi kwe-African National Congress (ANC). 

Phakathi kwamaqembu lomholi awagxekayo nokuyiwona aphikisane nesiphakamiso sokuhlakaza uMasipala, i-African Democratic Change (ADEC), Alliance of Citizens for Change(ACC), The African Transformation Movement (ATM), Abantu Botho Congress(ABC), Al JAMA-AH, Minorities of South Africa(MOSA), National Freedom Party (NFP) kanye ne-Minority Front(MF).

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *