Iqembu AmaZulu FC lisanethuba lokuvikela isicoco somqhudelwano we-KZN Premier’s Cup. Kulandela ukushaya iLamontville Golden Arrows ngo 2-1 emdlalweni womakota obusenkundleni yezemidlalo iPrince Mangosuthu Stadium Olundi, NgoMgqibelo mhlaka 27 July.
Usuthu ilona elithole igoli kuqala ngomkhonto ogwaze ekhaya kaKeenan Phillips we-Arrows ngomzuzu wesithathu,kwathi uLungelo Nguse washaya elokulinganisa laBafana Besithende ngomzuzu ka-22,AmaZulu athole igoli lokunqoba ngomzuzu wokugcina ngonyawo lukaTshelang Moremi ngomzuzu ka 90+3.
“Bekuwumdlali onzima kuyangithokozisa ukuthi sikwazile ukuwunqoba, okusibeka emathubeni amahle okuvikela isicoco kodwa sizothatha umdlalo ngamunye,” kusho u-Ethan Brooks wamaZulu oqokwe njengomdlali ovelele.
Imidlalo ye-KZN Premier’s Cup iyaqhubeka njengoba emdlalweni wamakota kubheke iMilford ne Royal AM.
Kowandulela owamanqamu kusasa mhlaka 28 July kuzobhekana i-Richards Bay vs Maritzburg United eyesibili izodlalwa AmaZulu FC noyedwa ozonqoba phakathi kweRoyal Am ne-Milford FC.