Njengoba iNingizimu Afrika ibhekene nengqinamba yokwentula kwamanzi kusukela ngonyaka ka-2015. UMasipala waseThekwini ubambe inggungquthela ebizwa ngokuthi ‘EThekwini Water and Sanitation student conference 2024’, kanye nabafundi bezikole zamabanga aphezulu.
Lengqungquthela ibibanjelwe e-Inkosi Albert Luthuli International Convention Centre eThekwini, NgoLwesithathu womhlaka-6 March, ngenhloso yokuthola izisombululo ngenkinga yamanzi.
Kuyilungelo lomphakathi ukuthola amanzi kanye nokususwa kokungcola, muva loMkhandlu uthwele kanzima ekuhlinzekeni umphakathi ngendlela efanela isidingo samanzi.
“Ukuqhamuka nesixazululo kanye nokonga amanzi kuwumsebenzi wethu sonke, uhulumeni kanye nomphakathi. Kubalulekile ukuthi uMasipala unikeze abafundi ithuba ukuze sizozwa ukuthi iziphi izindlela ezintsha esingazithola ukuze sizisebenzise ekulungiseni inkinga yamanzi” Kusho IMeya YeTheku uKhansela Mxolisi Kaunda, obeyingxenye yalenkomfa.
Eqhuba uKaunda uveze ukuthi eminye yemibono efike nabafundi ukuthi kwakhiwe uhlelo lokudonsa amanzi olwandle bese eyahlanzwa ukuze ezosetshenziswa umphakathi.
Engxoxweni ekhethekile Inkundla Yezindaba ebenayo nomunye wabafundi, uNathi Gumede ofunda esikoleni iBachet High School, uthe njengomuntu wesifazane osemncane unomqondo omusha okwazi ukuletha amaqhinga amasha. uNathi ukhale ngenkinga yaqhuma kwamapayipi ahambisa indle kanye nokunqanyulwa kwamanzi.
“Njengoba silana sizoletha izixazululo kuMasipala ngoba bewuhulumeni bayahluleka ukulungisa lenkinga yamanzi.kunopheyo oluveza ukuthi kusukela ngonyaka ka-1963 kuya kunyaka ka-1994 kwakhiwa amadamu angu-18 akwazi ukuphatha umthamo wamanzi amaningi, kodwa kusukela ngonyaka ka-1994 kuza kulonyaka esikuwo(2024), mabili kuphela amadamu akhandiwe. Lokhu kusho ukuthi ngeke sikwazi ukuba namanzi ngoba amadamu okuwaphatha ayashoda” Kusho uGumede.
Ephetha lomfundi uthe okuyinkinga kakhulu ukuthi kwawona lamadamu amadala awanakekelwa ngendlela efanela.UNathi uphonsele Uhulumeni inselelo yakwakha amadamu amasha.