Thursday, February 19, 2026

I-CAFÉ INDIA INQOBE KOWE KZN CROWNS BUNNY CHOW CHAMPION KA-2024

Date:

I-Café India iwaqwaqwade emakhanda bonke abenzi bama Bunny Chow KwaZulu Natal. Lokhu kwenzeke emcimbini we-2024 Coca-Cola Bunny Chow Barometer Challenge obuse Blue Lagoon eThekwini ngeSonto, lu-1 kuZibandlela.

Izinkumbi zabantu ebezijabule zijabule ngesikhathi abekade bencintisana abangu-10 belwela ukuklonyeliswa kulo nyaka, kodwa kube yiCafé India egcine yemuka nesicoco sokuba yiBest Bunny Chow kanye no-R50,000 ongukheshi. Sekukonke, abangene kowamanqamu bahlukaniselane u-R100,000 wemiklomelo engukheshi kubaxhasi bomqhudelwano iCoca-Cola Beverages South Africa (CCBSA) Coastal region.

U-Philicia Lalbahadur uhluleke nokuzibamba injabulo, ongumnikazi we-Café India, uncome i-curry wakhe abazenzela wona ekhaya kanye nokuzinikela kweqembu lakhe ngokuwina. “Leli yiphupho ngempela. UNkulunkulu ubephakathi kwale mpumelelo. Ithimba lethu lonke liwubonga ngendlela emangalisayo umsebenzi Wakhe,” kusho yena.

“Ngo-2023, salala isithathu, okwasikhuthaza ukuthi sisebenze kanzima nakakhulu ngo-2024. Ukubuyekezwa okuhle ezinkundleni zokuxhumana kwasinika isikhuthazo esasisidinga. Umndeni wethu ubulokhu uphelelisa lesi sidlo iminyaka, futhi ukuqashelwa ngale ndlela kukhethekile ngempela.

“Siyabonga kakhulu kwabakwa, Coca-Cola Beverages South Africa, ngokulwela ukudla kwasekhaya nokunikeza osomabhizinisi abancane njengami into amathuba ozosiphakamisa. Namuhla, konke ukuzidela kwethu siyiqembu kwakufanele.”

I-Bunny Chow Barometer Challenge ibungaze isibiliboco esithandwayo saseThekwini – isinkwa esimhlophe esigcwele ukhari – ngenkathi ikhombisa ikhono labapheki bendawo.

URichard Willington, oyiMenenja Jikelele yeCCBSA Coastal Region, uncome izinga eliphezulu lomncintiswano. “Lona umncintiswano we-Bunny Chow Barometer Competition ka-15 futhi minyaka yonke izinga linyuselwa phezulu. Lo mqhudelwano ushubile futhi kuncane kakhulu ukwehlukanisa abadlali bethu abaphezulu abayi-10, kodwa sihalalisela iCafé India ngokuba ngumnqobi ofaneleka kakhulu ngo-2024.”

“Siyethemba ukuthi lo mklomelo wemali usiza uPhilicia ukuthi akhulise ibhizinisi lakhe, njengengxenye yokuzibophezela kwethu okuqhubekayo ekwesekeni umkhakha wama-SMME.”

Wengeze wathi: “I-Coca-Cola Bunny Chow Barometer Challenge ayigcini nje ngokugqama ekhalendeni lemicimbi yaminyaka yonke  yaseThekwini kodwa futhi iyindlela yokuhlanganisa imiphakathi futhi yeseke amabhizinisi amancane, abalulekile ekukhuleni komnotho.”

Don’t miss what’s happening in your area. Subscribe for updates.

Share post:

Subscribe to get the latest news!

spot_imgspot_img

Popular

More like this
Related

MEC Shinga Strengthens Relations with Organised Labour

KwaZulu-Natal MEC for Social Development, Mbali Shinga, has reaffirmed...

Nkonke Kuhambe Kahle Kumcimbi Wokuklomelisa U-Grade R Esmart Kids

INJABULO ibibhalwe ebusweni bodado ngesikhathi besalindele imiklomelo yabo yokuqala...

I-Dual M Ne-Ink Today NPC Agqugquzela Abafundi Nge-School Prayer Tour

Njengenxenye yomzamo wokukhuthaza abafundi bakwa-Matric ngaphambi kokubhala izivivinyo zabo...

Bazimisele Ukugqugquzela Ukuzivikela Kwamantombazane Kwezocansi

INHLANGANO engenzi nzuzo i-Aids Health Foundation (AHF) ibibambe umcimbi...
×