Breaking News

SEKUBEKWE UMKLOMELO KA-R100 000 KONGABASIZA KUTHOLAKALE ABABULALI BAKA-CHILI

0 0

Umndeni kaMalcolm Xolani Chili ngokubambisaa nenhlangano efuna ubulungiswa ngokubulawa kuka Chili, iJustice For Xolani Campaign, sebebeke umklomelo wemali engango R100 000 kongasiza ukuze kutholakale abamubulala ngesihluku.

UChili obaziwa ngelikaFlex wadutshulwa wabulawa mhlaka 13 February 2024 , eNew Germany. Kubikwa ukuthi umufi wayebuya emsebenzi elibangise kwakhe ngesikhathi edutshulwa amahlandla angu-16.

Umufi ungowokuzalwa KwaMashu wayeyimenenja yonjiniyela kwinkampani iMAXE.

UMnuz Bongani Mabaso weJustice for Xolani uchaze Chili njengomuntu obewumholi emphakathini nobebambe iqhaza ekusizeni amaciko, ukwakha umphakathi ophephile, wathi ingakho beqhamuke nomkhankaso wokulwela ubulungiswa ngokubulawa kamufi, okuyi ‘Justice For Xolani Campaign’.

“Sibeke umklomelo ka-R100 000 kongasisiza asiphe ulwazi olingaholela ekutholeni abenzi bokubi. Noma ngabe ubani uzoqhamuka nolwazi igama lakhe sizolifihla ukuvikela ukuphepha kwakhe. Siyacela kuvele abantu abazokhuluma iqiniso elinobufakazi. Ngisho ngabe ulwazi onalo lufishana lungasiza,”kusho uMabaso.

Kunxuswa amalunga omphakathi, angaba nolwazi lokubulawa kukaXolani Chili ukuba ashayela kule nombolo ethi 0712885801 noma ku [email protected].

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *