Breaking News

UNDUNANKULU WAKWAZULU-NATAL WETHULE AMALOLI ANGU-16 OMNYANGO WEZINDABA ZASEKHAYA

0 0

Ngemuva kokuthi uMengameli wezwe uMnu Cyril Ramaphosa ethule uhlelo lokunikezela ngamaloli angu-100 ezweni lonke ngenhloso yokuletha isisombululo emphakathini wakuleli ngaphansi koMnyango wezindaba Zasekhaya.

UNdunankulu waKwaZulu-Natal (KZN) uNkk Nomusa Dube-Ncube wamukele waphinde wathula lamaloli angu-16 azobhekela ukusiza izifunda zalapha esifundazweni.

Lokhu kwenzeke eHoy Park eThekwini,NgoLwesihlanu womhlaka-10 May.

Ethula lezinsiza kusebenza zoMnyango Wezindaba Zasekhaya uNdunankulu ,uthe inhloso yololuhlelo ukulekelela abantu abahlala ezindaweni ezikude namadolobha ukuze bezokwazi ukuthola ukusizakala eduze.

Wathi sekuzobalula ukuthi abantu baseKZN beshaya omazisi babo,ukwenza izincwadi zomshado,ukushaya izitifiketi zabantu abasuke sebedlulile emhlabeni kanye nokwenza incwadi egunyaza ukuvakashela amanye amazwe.

“Lezimoto ezintsha zizolekela kulezi ebezivele zikhona lokhu kuzokwenza umehluko omkhulu kubantu abebegibela ngezimali sebezokwazi ukusizakala eduze ngoba lezimoto uzisholo wena ukuthi mangabe usuwushayile umazisi wakho ufuna ukuwulanda nini kanye nendaw’osuke uzokwazi ukuwulanda kuyo.Lokhu kuzonciphisa ukugcwala kwezikhungo zalomnyango ikakhulukazi kuMngeni nasenkabeni yedolobha iTheku.Abantu abakhubazekile kanye nabantu abadala bazokwazi ukugibela kalula kulezimoto ngoba azinazo izitebhiso” kusho uDube-Ncube.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *