Breaking News

UMNYANGO WEZAMANZI UHLONIPHE IMINDENI EYAPHAZAMISEKA NGE-INANDA DAM

0 0

UNgqongqoshe wezaManzi neNhlanzeko uMnu Senzo Mchunu wethule ngokusemthethweni amatshe esikhumbuzo amane, okuhlonipha imiphefumulo yabangasekho okwathuthwa amathambo abo ngendlela eyayingafanelekile ngesikhathi kwakhiwa Inanda Dam.

Lamatshe akhiwe nguhulumeni kazwelonke ngenhloso yokuletha ukuthula emindenini ethintekayo kanye nokulungisa umonakalo owenziwa uhulumeni wangesikhathi sobandlululo,njengoba lokhu kuthutha kwalemizimba kwenzeka ngonyaka ka-1988.

Zine izindawo zamakhosi ezathinteka ngesikhathi kwakhiwa lelidamu, isizwe sakwaNyuswa, esaseMaQadini, esakwaNgcolosi kanye NasaseMaphephetheni. Lamatshe akhiwe ngezansi kwe-Inanda Dam, endaweni yakwaNgcolosi enyakatho neTheku, uNgqongqoshe uMchunu uwembule NgoMsombuluko womhlaka-20 May.

“Sizolungisa iphutha elenziwa uhulumeni wecindezelo, owasusa amathuna abantu ngendlela engekho emthethweni nengahambisani nesintu sethu maZulu. Wayisa amathambo abo emathuneni aseMkhumbane, amanye ayemathuneni aseNtuzuma kwathi amanye ayemathuneni aseMolweni. Silapha ngenhloso yokuzihlonipha imindeni eyathinteka ngesikhathi kwenzeka lomonakalo” Kubeka uMchunu.

Eqhuba uNgqongqoshe uveze ukuthi zaqala ngonyaka ka-2009 izingxoxo phakathi kukahulumeni kanye nomphakathi , mayelana nokuthi kulungiswe leliphutha. Wathi ubonga ukuthobeka kuzona zonke izizwe zamakhosi ezithintekayo kuloludaba, ngokuthui zikwazi ukubekezelela uhulumeni kuze kufika kulesigaba.

“Akukaphothulwa ukulungisa lomonakalo kusamele siye kulamathuna okwathuthelwa kuwo lamathambo, sithole amagama abantu abafakwa kuwo ukuze sizokwazi ukubuyisela amathambo kwimindeni efanele, athunwe kwamanye amaliba asemndeni” Kusho uSenzo.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *