Breaking News

OWE-DA UBONA LELIQEMBU LINAMANDLA OKUNQOBA I-KWAZULU-NATAL

2 0

Ogaqele esokuba uNdunankulu wesifundazwe iKwaZulu-Natal (KZN) ngaphansi kweqembu i-Democratic Alliance (DA) uMnu Christopher Pappas, uthi iqembu le-DA kuphela elikhulu ngokwanele ukukhipha i-African National Congress (ANC) emandleni ombuso wase-KZN. Lokhu ukusho kumbuthano waleliqembu obizwa nge-DA KZN Rescue Rally, obuseCurries Fountain Stadium eThekwini, NgoMgqibelo womhlaka-11 May.

Ethula inkulumo yosuku lomholi kwizinkumbi zabalandeli zaleliqembu, uveze ukuthi njengoba kuyiwa okhethweni lukazwelonke ngomhlaka 29 May,abantu kumele bevotele inhlangano ye-DA ngoba iyona kuphela ekwazi ukuphikisana ne-ANC. wathi uma bevotela amaqembu amancane kuzobe kusafana nokuthi bavotela uKhongolose ngoba lamaqembu ahlezi esebenzisana ne-ANC.

“Into ehamba phambili kunazo zonke kulelukhetho ukwakha amathuba omsebenzi nokukhuphula isimo somnotho. Akunasithunzi uma ubona ubaba ongakwazi ukubeka isinkwa etafuleni, akunasithunzi ukubona umama ongenawo amandla okukhokhela ingane izindleko zemali yokugibela ezokuthutha. Ngaphansi kwalohulumeni osiphethe manje abantu bahluphekile. Njengomuntu ofuna ukuba uNdunankulu ngiyathembisa sizowokhulisa lomnotho sizokwakha amathuba omsebenzi angango-300 000 , sizowudeqa lomthetho wokuthi amathuba omsebenzi atholw’abantu abaneminyaka engu-18 kuya ku-35” Kusho uPappas.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *