Breaking News

IMBUMBA FOUNDATION YETHULE UBUDLELWAN’OBUSHA NE-ILLOVO SUGAR AFRICA

0 0

Inkampani ekhiqiza ushukela ezwenikazi i-Afrika izosebenza ngokubambisana ne-Imbumba Foundation ngaphansi kohlelo i-2024 Trek4Mandela.Lokhu kuvele NgoLwesine womhlaka-9 May ngesikhathi kwethulwa ngokusemthethweni lobudlelwano balezinhlangothi ezimbili,eRadisson Blu Hotel uMhlanga eThekwini.

ITrek4Mandela uhlelo olungaphansi kwe-Imbumba Foundation lapho kusuke kuqwala intaba iKilimanjaro yasezweni laseTanzania.Loluhlelo luzokuba ngomhlaka-18 July,okuwusuku lokuzalwa kwengqalabutho eyalwela inkululeko kuleli nowabangumengameli omnyama wokuqala eNingizimu Afrika uDkt Nelson Mandela.

Inhloso yaloluhlelo ukunakekela izimpilo zabantu ikakhulukazi abesifazane abancane,ngokugqugquzela ukuthi kubalulekile ukuhlizeka izingane zamantombazane ngezinsiza zabo abazidinga zinsuku zonke,ukubanikeza isithunzi esibafanele kanye nokwenza isiqiniseko sokuthi izingane ziyakwazi ukuqhubeka nokufunda ezikoleni .AbakwaShukela bazothumela abasebenzi babo abangu-17 abavela emazweni ahlukene okukhona kubo abasuka lapha eNingizimu Afrika,Tanzania,ESwatini,Rwanda,Namibia,Mozambique,Malawi kanye naseZambia (8) azobayingxenye yohlelo lwe-Trek4Mandela.

Ongumxhumanisi kwinhlangano Imbumba Foundation nophinde abenguMphathi we-Trek4Mandela uNks Sina Moyane uthe ucwaningo luveza ukuthi kunezikhathi lapho abantwana besifazane bezithola bengakwazi ukuya esikoleni ngenxa yokwesela izidingo zabo ikakhulukazi uma besizinsukwini zabo.USina uveze ukuthi azohlukana kabili amathimba azoqwala iKilimanjaro okuyintaba enkulukazi e-Afrika.Uthe kukhona abazoqwala lentaba ngomhlaka-18 July bese kubekhona abazohamba ngomhlaka-9 August okuyiholidi labantu besifazane, ngenhloso yokukhombisa ukubaluleka kokunakekela kanye novikela impilo yomuntu wesifazane.

”Sisebenzisana nazo zonke izifundazwe zakuleli ukunakekela impilo yomuntu wesifazane siphinde sisebenze ngokubambisana nabamazwe angaphandle kwakuleli okukhona izwe laseTanzania,ESwatini,Namibia ,Malawi kanye neMozambique .Wonke umuntu wamukelikele ukubayingxenye ye-TreK4Mandela,bengaxhumana nathi ezinkundleni zokuxhumana iTrek4Mandela,asigcine ngokubanekekela izingane zasesifazane kuphela sinazo nezinhlelo lapho sihlizeka abafana ngezidingo zabo.” Kusho uuMoyane.

Ekhuluma uDkt u-Ernest Peresu ongumqondisi kwinkampani i-Illovo Sugar Africa uveze ukuthi kuyamjabulisa ukubayingxenye yengqophamlando yokuxhasa izimpilo zabanye abantu basezwenikazi lase-Afrika.”Sikhethe ukusebenzisana ne-Trek4Mandela ngenxa yesiqubulo sabo sakulonyaka esikhuluma ngobumbano lwabantu abahlukene,ngalesiqubulo kusobala ukuthi yindaba sikhethe ukuhlanganyela nabo”kusho uPeresu.

Ucela ukuthi abantu baqhubeke nokweseka umsebenzi owenziwa Imbumba Foundation owesifazane waseBhamshela ongummeli ngemuva kokuphuthula izifundo zakhe enyuvesi yaseZululand (UNIZULU) .UCebolenkosi Ntshingila (21) uveze ukuthi lenhlangano uqale ukusebenzisana nayo ngonyaka owedlule(2023) , nathi ibimuhlizeka ngokudla nangezinye izidingo namanje ubudlelwano bakhe ne-Imbumbano busaqhubeka njengoba esesebenza njengoMmeli.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *