HomeNewsKubanjwe Inkomfa Yokubuyekezwa Komthetho Sisekolo Komasipala Nakuhulumeni

Kubanjwe Inkomfa Yokubuyekezwa Komthetho Sisekolo Komasipala Nakuhulumeni

Ingqungquthela yezinsuku ezintathu ebheka amandla namakhono kahulumeni okuletha izinsizakalo ezisezingeni kubantu, ivulwe ngokusemthethweni ngoMsombuluko eMoses Kotane Research Institute (MKRI), eThekwini, lapho kuhlangene khona abaholi bakahulumeni, izifundiswa kanye nabanye ababambe iqhaza ukuzodingida izinselelo ezithikameza ukulethwa kwezinsizakalo emphakathini.

Enkulumweni yakhe yokuvula ingqungquthela, uNgqongqoshe wezokuSebenza koMphakathi nokuPhatha, u-Inkosi uMzamo Buthelezi, uthe sekuyisikhathi sokuthi uhulumeni ubhekisise izindlela osebenza ngazo, ikakhulukazi uma kubhekwa izinsizakalo ezingafinyeleli kubantu ngendlela efanele.

Uthe iNingizimu Afrika inezinqubomgomo ezinhle nezikhungo eziqinile, kodwa kusalokhu kunombuzo wokuthi kungani lokho kungabonakali ekulethweni kwezinsizakalo ezisebenzayo, okubalwa kuzo imitholampilo, izikole kanye nomasipala.

Uveze ukuthi kubantu abaningi uhulumeni awulinganiswa ngezinkulumo noma izinqubomgomo, kodwa ubonakala kakhulu ngezinsizakalo abazitholayo njengamanzi aphuma kompompi, ukusebenza kwemitholampilo, izinga lemfundo ezikoleni kanye nezinsizakalo zomasipala. Uthe uma lezi zinto zingasebenzi ngendlela efanele, abantu bagcina bephelelwa ukuthemba uhulumeni.

Kule ngqungquthela kuphinde kwavezwa ukukhathazeka ngesimo semfundo kuleli, njengoba ucwaningo lwe-PIRLS lwango-2021 luveza ukuthi amaphesenti angu-81 abafundi bebanga lesine abakwazi ukufunda ngokuqonda nganoma yiluphi ulimi.

Don’t miss what’s happening in your area. Subscribe for updates.

RELATED ARTICLES

LEAVE A REPLY

Please enter your comment!
Please enter your name here

- Advertisment -

Most Popular