Inkatha Freedom Party (IFP) ithi izimisele ukwakha omasipala abasebenza kahle, bavikele amathuba abantu okuziphilisa futhi balwe nenkohlakalo njengoba leli qembu lethule i-manifesto yalo yokhetho lohulumeni basekhaya lwango-2026.
UMongameli we-Inkatha Fredoom Party, uVelenkosini Hlabisa, wethule le manifesto phambi kwezinkulungwane zabalandeli ePrincess Magogo Stadium, KwaMashu. Ukhetho lohulumeni basekhaya luzoba mhla zizi-4 kuLwezi 2026.
UHlabisa uthe i-IFP ifuna ukubeka amathuba emisebenzi nokukhula kwamabhizinisi amancane phambili, ikakhulukazi ezingeni lohulumeni basekhaya. Uthe ama-spaza shop kufanele agcinelwe abantu baseNingizimu Afrika, kanti umasipala kufanele usize osomabhizinisi abancane ngokunciphisa izithiyo zokubhalisa amabhizinisi, ukuhlinzeka ngezindawo zokuhweba kanye nokuthola ukuqeqeshwa nokwesekwa.
“Umuntu ovuka ekuseni ayodayisa ukudla, alungise izicathulo, ahlinzeke ngenkonzo noma aqhube isitolo esincane akaceli isipho. Ucela ithuba elilinganayo lokusebenza. Omasipala be IFP, ngokusebenzisana nazo zonke izinhlanka zomthetho zika hulumeni, bazoqapha futhi futhi baqinisekisa ukuthi bayashushiswa abanikazi bezindawo abaqashisayo,” kusho uHlabisa.
UHlabisa uphinde wathembisa ukuthi umasipala ophethwe yi-IFP uzogxila ekulungiseni izidingo eziyisisekelo okubalwa kuzo amanzi, ugesi, imigwaqo, ukuthuthwa kukadoti kanye nokuthuthwa kwendle. UHlabisa uthe leli qembu lifuna izinguquko ezizocacisa futhi ziqinise indima, amandla nemisebenzi yabaholi bendabuko ngaphakathi kohlaka lomthethosisekelo.
Enye yezinto ezigcizelelwe yi-IFP kube ukulwa nenkohlakalo nokusetshenziswa budedengu kwemali yomphakathi. UHlabisa uthe izinsolo zokukhwabanisa, ukuguqulwa kwamathenda, ukwebiwa kwemali kanye nokungaphathi kahle izimali zikahulumeni kufanele ziphenywe futhi labo abatholakala benecala babhekane nezinyathelo ezifanele zomthetho. Uthe abantu bafuna omasipala abazophendula ngezinto abazenzayo, izimali zikahulumeni zisetshenziswe ngendlela efanele futhi nemiphumela yomsebenzi kahulumeni ibekwe obala.
Uphinde wathi intsha nayo kufanele ibe yingxenye yezinqumo ezithinta ikusasa lezwe. I-IFP ithe inabantu abasha abaqokelwe ukumela leli qembu kwamanye omasipala, abanye babo beseminyakeni elinganiselwa ku 20.
Don’t miss what’s happening in your area. Subscribe for updates.


